UNETHEMBA lokukhethwa kwesokuba wumengameli we-IFP uDkt Ziba Jiyane odume ngokushintsha shintsha amaqembu ezepolitiki Isithombe : SIGCINIWE UNETHEMBA lokukhethwa kwesokuba wumengameli we-IFP uDkt Ziba Jiyane odume ngokushintsha shintsha amaqembu ezepolitiki Isithombe : SIGCINIWE
I-IFP ithi isikhathele wumasigcozi odlalwa yilungu layo eliyindodana yolahleko uDkt Ziba Jiyane, okuvela ukuthi usefuna isikhundla sobuholi.
Lokhu kuvezwe umkhulumeli weqembu, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, obephendula uJiyane owake waba uNobhala Jikelele we-IFP, waphinde waba ngusihlalo waleli qembu, njengoba ematasa nemikhankaso yakhe yokuba akhethwe engqungqutheleni ezoba soLundi ngesonto elizayo esikhundleni sokuba umengameli omusha weNkatha.
Kuthiwa uhamba etshela abantu ukuthi uyena ozothatha isihlalo sikaButhelezi. UHlengwa uthe bakhathele umacashelana kaJiyane wokuhamba evakasha emaqenjini ezepolitiki.
“Sikhathele yilo mdlalo wakhe wokuhambe evakasha bese ecabanga ukuthi uzobuya esezofuna izikhundla kwi-IFP. Empeleni uyisehluleki somholi kodwa osehamba ebhala ezinkundleni zokuxhumana ngoba efuna ukudatshukelwa kwi-IFP. Thina asilona iqembu elivimba abantu ukuba balijoyine ngoba ipolitiki imayelana nezinombolo kodwa uJiyane akazehlise angene kwi-IFP abe yilungu njengawo wonke umuntu, hhayi ukuthi azofuna izikhundla,” kusho uHlengwa.
Kuvele nokuthi uJiyane uselungise ngisho inkulumo yokuvala ingqungquthela kanti usethembe ukuba aphakanyiswe phakathi engqungqutheleni ngemuva kokuba igama lakhe lingavelanga kwaphakanyiswe kumhlahlandlela obuseMelmoth.
Kuthiwa lo mholi ukholwa ukuthi umlando usazoziphinda wokuba akhethwe eqenjini yize ebesahamba kwathi uma ebuya kwi-IFP waqondana nengqungquthela yobuholi wafike wangenela wakhethwa njengoNobhala Jikelele. Akugcinanga lapho wahamba ngemuva kwalokho waya emabhizinisini nokwathi uma ebuya ngo-2004 wafika i-IFP isinengqungquthela ,wangenela wakhethwa waba usihlalo kazwelonke.
Nakulokhu kuthiwa uJiyane ukholwa ukuthi uzokuphinda adume ngakho ngokuthi akhethwe abe ngumengameli omusha weqembu ngemuva kokulishiya ngo-2005 wasungula iNadeco, wayishiya waya kwiSadeco, wayishiya waya kwiDA nayo wayishiya waya kwi-ANC aphinde wayishiya nayo waya kwiNFP njengoba esebuyela ekhaya kwi-IFP.
Ethintwa uJiyane uthe akekho omunye umholi omnkantshubomvu ukudlula yena ngemuva kukaMntwana waKwaPhindangene okumele akhethwe kule ngqugquthela .
“Bonke laba okuphakanyiswe amagama abo abafiki kimi ngoba empeleni sekusele mina ngedwa kwababeyingxenye yokuqalwa kwe-IFP, ikakhulukazi i-IFP Youth Brigade,’’ kusho uJiyane.
Uthe ngesikhathi ekhethwa ngo-2004 eqokelwa ukuba usihlalo, wabona ukuthi uMntwana wayengeneme, waze wahamba wayomxhawula wambuza ukuthi yini emphethe kabi ngoba uyabona akeneme.
UHlengwa uthe uJiyane uyisitha sakhe uqobo, esehlulekile wukuhola .
Ngesonto eledlule umhlahlandlela oweluliwe umemezele ukuthi amagama aphakanyisiwe abazokhethwa kwesobumengameli, uMnuz Velenkosini Hlabisa, asekelwe inkosi yaseMbongombongweni uMzamo Buthelezi, usihlalo kube uMnuz Blessed Gwala asekelwe uMnuz Albert Mncwango, bese unobhala jikelele kube uMnuz Siphosethu Ngcobo asekelwe uNkk Thembeni Madlopha Mthethwa bese umgcinimafa kube uMnuz Narend Singh.
Ingqungquthela izohlala oLundi izinsuku ezintathu ngesonto elizayo.