Isithombe: Sigciniwe Isithombe: Sigciniwe
LIHLEHLISELWE uSepthemba icala lomfundisi wasoLundi osolwa ngokudaka owesifazane (23) maqede wamdlwengula ngonyaka ka-2016.
Lo mfundisi okulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eMahlabathini, usolwa owesifazane ngokumyengela emzini wakhe wamphuzisa isiphuzo esinesidakamizwa maqede wamdlwengula.
Lo wesifazane (ongeke lidalulwe igama) wathola ukuthi ukhulelwe ezinyangeni ezimbalwa edlwenguliwe, kepha wakhetha ukusikhipha isisu.
Ekhuluma neSolezwe uthe ngemuva 'kokudlwengulwa' umsolwa wamshumayeza ngokuthi ayekwenzile wayekuthunywe ngunkulunkulu.
"Wangitshela ukuthi ngingatsheli muntu ngalokhu okwenzekile ngoba vele yena ungumuntu odumile kanti futhi amaphoyisa kanye nabezindaba bayamsaba. Ngathi lapho sengimazisa ukuthi ngikhulelwe wangitshela ukuthi angilale nomunye umuntu ebese ngimesulela ngesisu," kuchaza umgilwa.
Lo wesifazane uthi wabe esevulela umsolwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa sasoLundi ngoSepthemba nonyaka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uKapteni Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa sasoLundi owesifazane oneminyaka ewu-23 esola owesilisa ona-37 ngokumdlwengula.
"Icala lavulwa esiteshini samaphoyisa sasoLundi, idokodo labe selidluliselwa Olundi FSC ukuze kuphenywe. Umsolwa waboshwa wabe esevela eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini ngo-Agasti 13," kusho uGwala.
Icala lihlehliselwe umhlaka-10 Septhemba kanti umsolwa ungaphandle ngebheyili ka-R3 000.
Khonamanjalo, kwesinye isigameko esifanayo, ngoMashi nonyaka, kwaboshwa umfundisi waseShowe ngokudlwengula ivolontiya (14) emzini wakhe.
Kusolakala ukuthi lo mfundisi wabizela leli volontiya emzini wakhe engekho unkosikazi wakhe wabe eselidlwengula.