Izindaba

BUKA: Bazitapele impahla ezitolo zabokufika eSoweto

Phumelele Nxumalo|Published

ABANTU baseSoweto abebetapa izimpahla ezitolo zabokufika. Isithombe: Twitter ABANTU baseSoweto abebetapa izimpahla ezitolo zabokufika. Isithombe: Twitter

BABUZWE ngedaba ubuthongo abanikazi bezitolo abangebona abakuleli kuhlaselwa izitolo zabo kwebiwa impahla abayidayisayo eSoweto, eGoli, ngoLwesithathu ebusuku. 

Izindawo ezithintekile kulokhu iZola, White City, kwaZondi, eMndeni, eMoletsane kanye naseRockville.

Akuqondakali kahle ukuthi kube yini imbangela yalokhu, kodwa ngokombiko weTimesLive, izakhamizi zaseSoweto zithi lokhu bekuyindlela yokuziphindiselela ebantwini bokufika kulandela isigameko sasemasontweni amabili edlule, lapho abokufika babe jikijela khona izimoto zamaphoyisa ngamatshe, amabhomu kaphethroli nokunye ngesikhathi kushaqwa impahla yabo yomkokotelo abayidayisa enkabeni yeGoli.

Amaphoyisa aseGoli asebophe abasolwa abangu-7 ngokwebiwa kwempahla izolo kanti kulindeleke ukuba isibalo senyuke njengoba amaphoyisa esaphenya ngalolu daba.

Kusabalale izithombe nama-video enkundleni yokuxhumana u Twitter ekhombisa abantu bezitapela ezitolo zabokufika eSoweto. 

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/sowetolooting?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#sowetolootingCommunity members are currently looting foreign owned shops in different parts of Soweto #sabcnews pic.twitter.com/QHAhC4H2vc

— Ditaba Tsotetsi (@tsotetsiditaba)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/Sowetolooting?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#Sowetolooting, it should urge us all to work to create SA where it never happens. #ThursdayThoughts pic.twitter.com/HoqR5gS2tM

— Koketso Ramorei (@RamoreiKoketso)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/Sowetolooting?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#Sowetolooting pic.twitter.com/jvYuASOE2p

— Concern Citizen (@SA_first_)

%%%twitter https://twitter.com/HermanMashaba?ref_src=twsrc%5Etfw">@HermanMashabathe fire 🔥 that will eternally consume you in hell will be matchless @HermanMashaba blew the whistle and hyenas have come too loot #Sowetolooting pic.twitter.com/pDZsZUMOhK

— BENJAMIN (@BenjaminKabon12)