ISALUKAZI (89) saseMzimkhulu singenelwe yindoda engaziwa yasishaya yase isidlwengula.
Indodakazi yesalukazi, esilulamela ekhaya emuva kokuhlaselwa kwaso entathakusa yangeSonto, ithe basathukile ngokudlwengulwa kukanina.
Ithe unina ubehleli nomzukulu wakhe ngoMgqibelo emuva kwehora leshumi nambili ngesikhathi bengenelwa yindoda engaziwa imdlwengula. Bona bathole emuva kwehora lesibili ekuseni emuva kokuthi amalungu omphakathi efonele umfundisi embikela.
“Umama ubevele ehlala yedwa ngoba ubekukhonzile ukuzihlalela yedwa kodwa ngalobu busuku wayehleli nengane eneminyaka eyisishiyagalombili ngoba thina sasisenkonzweni. Sezwa ngoba sesitshelwa wumfundisi ukuthi umama usengenelwe umuntu sase siyaphuthuma. Umfundisi wayefonelwe ngomunye umfundisi, owayefonelwe ngelinye ilungu lomphakathi ngoba thina izingcingo zethu sasizivalile ngoba sisesontweni,” kusho indodakazi.
Uthe kumanje ingane eyayihleli nonina isathukile ngoba konke kwenzeka ikhona. Indoda yayithatha yayiphonsa embhedeni yase iyimboza ngengubo anduba ihlukumeze unina.
Uthe unina wasizwa wukumemeza kuzwe omakhelwane yase iyabaleka indoda.
“Ngesikhathi indoda yenza eyayikwenza umama wamemeza kwase kuzwa omunye umakhelwane wabiza nabanye. Baphuma bayibona indoda base beyijaha.
“Bacishe bayibamba
kodwa yadlubulundela. Kumanje ibingakatholakali. Okunye okubuhlungu wukuthi umdlwengulile wase emshaya wamlimaza ehlweni, wamphula nobambo. Kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzekile,” kusho indodakazi.
Ithe namanje basazibuza ukuthi ngabe wumuntu onjani lona obengadlwengula unina.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula.
Uthe kusolakala ukuthi isalukazi besilele endlini yaso ngesikhathi kufika umuntu ongaziwa esihlasela wase esidlwengula.