Isithombe: African News Agency (ANA). Isithombe: African News Agency (ANA).
UGWETSHWE odilikajele abane ebhadla ejele owesilisa owaklinya amalungu omndeni wakhe amane ngentambo yesicathulo eMtwalume eSouth Coast.
UWesley Neil Julyan (31) watholwa enecala lokubulala umfowabo, abantwana ababili bomfowabo kanye nomkhwe womfowabo.
Ababulawa kwakungumfowabo kaJulyan uJeffrey, izingane zikaJeffrey u-Ethan (10) noKayla McKenna (16) kanye nomkhwe kaJeffrey uPeter McKenna ngenyanga kaDisemba ku-2017.
U-Ethan, uKayla noPeter babulawa ngokuklinywa kanti uJeffrey washaywa ngepiki wabe esemklinya ngentambo.
Ngemva kokubabulala washisa umuzi kanti ugwetshwe eminye iminyaka emihlanu ngokushisa.
Ngokobufakazi obusenkantolo bekukhona ukungezwani phakathi kukaJulyan noJeffrey, kanti ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwokubulawa kwabo baxabana mayelana nezimpahla ezazisuswe emzini oseMtwalume zigcinwe emzini kaJeffrey oseMtentweni.
Ngosuku lokubulawa kwabo, uJeffrey wayenze izinhlelo zokubuyisela izimpahla eMtwalume ngemva kokuthi uWesley emphoqe ukuba azibuyise.
UJeffrey wahamba nomndeni wakhe ngesikhathi ehambisa impahla nokuyilapho ababulawa khona.
UJulyan waziwa njengo "mbulali wentambo yesicathulo" ngemva kokugwetshwa ngonyaka ka-2004 ngokubulala owesilisa e-Amanzimtoti. Wagwetshwa iminyaka engu-13.
Obambe njengesikhulu sophiko lwezokushushiswa komphakathi, u-Advocate Elaine Zungu usamukele isigwebo kulolu daba, wancoma abashushisi ngokusebenza ngokuzikhandla.