USIHLALO weRoyal Eagles FC uSbu Mpisane nomkakhe uShauwn okuthiwa babanga ubunikazi beqembu ngemuva kokuputshuka kokuthi umkakhe usemkhiphile ekubeni ngusihlalo walo USIHLALO weRoyal Eagles FC uSbu Mpisane nomkakhe uShauwn okuthiwa babanga ubunikazi beqembu ngemuva kokuputshuka kokuthi umkakhe usemkhiphile ekubeni ngusihlalo walo
KUFUFUSA umbango wobunikazi beRoyal Eagles okungelinye lamaqembu aKwaZulu-Natal (KZN), phakathi kukasihlalo wayo uSbu Mpisane nomkakhe uShauwn Mpisane.
Ukuzalwa kwe-Eagles kube wumphumela wokuthengwa kweSivutsa FC yaseMpumalanga eyabe idlala kwiNational First Division (NFD) ngumndeni wakwaMpisane.
Ukusungulwa kwaleli qembu kwaletha amathemba kubantu baseKZN ngokuthi kuzoba nelinye iqembu elingase liphakamisele phezulu igama lesifundazwe.
Ukuqubuka kombango kubhebhezelwa wukuputshuka kwemibiko ethi uSbu akaseyena usihlalo waleli qembu ngemuva kokuthi elinikezele kumkakhe ngokusemthethweni, okuyinto ayiphikayo.
Kuthiwa laba abashadile sekunesikhathi eside behlala ngokwehlukana njengoba kukhona okungahambi kahle emshadweni wabo.
Ngokuthola komthombo, uSbu uphika uma ngentaba ukuthi akaseyena usihlalo weqembu ngoba akakaze alithengise noma alinikezele komunye umuntu.
“USbu uyayiphika indaba yokuthi akaseyena usihlalo weRoyal Eagles ngoba akekho asake wamthengisela yona noma wamnikezela ukuthi akayiphathe.
“Ngendlela anengeke ngayo kuthiwa useze wabhalela ngisho usihlalo wePremier Soccer League (PSL) ukuze angenelele ukugwema ukuchaphazeleka kwegama layo nabaxhasi bayo ezindabeni zomndeni.
“Ukhala ngokuthi umkakhe uyamqhwaga ngokushintsha yonke into ngaphandle kokuxhumana naye, uyazenzela.
“NgoMsombuluko uhlele ukubonana nePSL ngenhloso yokuthola isixazululo kule mpicabadala.
“Kushubile impela, kubi kakhulu umbango usha phansi indoda ifuna
izinto zayo,” kusho uMthombo.
USbu akathandanga ukuphawula ngesikhathi ecelwa yileli phephandaba ukuthi abeke uhlangothi lwakhe ngokuqhamuka nomthombo.
Ngokunjalo noShauwn akazange awuphendule umqhafazo abethunyelelwe wona kanti ngisho kade ebeshayelwa ucingo ubengaluphenduli.
ULux September, oyisikhulu sezokuxhumana kwiPSL, ecelwa ukuba aphawule, uthe ngeke akwazi ukwenze njalo ngoba usemhlanganweni ophuthumayo wesigungu esiphezulu sale nhlangano njengoba kukhona izinselelo abazama ukuzixazulula.
Kwale ngisho esethunyelelwa umqhafazo akawuphendulanga kwaze kube kushaya isikhathi sokushicilela.
Akwaziwa ngekusasa leqembu uma umbango wobunikazi ugcina ungaxazululeki kuze kuqale isizini ngo-Agasti 17.
*Khonamanjalo, ngoLwesine usihlalo wePSL * -Irvin Khoza umemezele inkampani yonjiniyela iGladAfrica njengezokuba abaxhasi beNFD iminyaka emihlanu.
Uthe iqembu okuzosongwa imidlalo yalesi sigaba liqhwakele phezulu kwi-log, lizokhala lemuke nesamba esiwuR3 million, elizolilandela endwaweni yisibili lona lithole uR1.5 million bese kuthi elizokuba sendaweni yesithathu lithole umthoba-nhliziyo onguR1 million.
Le ligi phambilini ike yaxhaswa yiMvelaphanda Holdings kaTokyo Sexwale isizokwaziwa ngeGladAfrica Championship.