Izindaba

Kuboshwe 'oklinye' udadewabo wafa

ANA Reporter|Published

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa oneminyaka engu-29 osolwa ngokuklinya abulale udadewabo oneminyaka engu-43 eBloemfontein eFree State.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thabo Covane uthe idokodo livulwe labhaliswa esiteshini samaphoyisa saseBainsvlei kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesifazane osebenza umsebenzi wasendlini. Isidumbu salo wesifazane sitholwe umqashi wakhe emzini wakhe abesebenza kuwo ose-Edenglen Townhouses Complex eWaterberg Avenue ngoLwesihlanu.

UCovane uthe umqashi walo wesifazane uthe ushiye umufi ephila ngo-6.55 ekuseni ngesikhathi ehamba eya emsebenzini. Ubuye ngo-5:30 ntambama wathola isidumbu sakhe ngaphakathi endlini.

"Endlini bekubonakala ukuthi akungenwanga ngendluzula. Ube esefonela amaphoyisa. Kuthe uma kwenziwa uphenyo, kwatholakala ukuthi umufi ubenezibazi emqaleni ezikhombisa ukuthi kungenzeka ubeklinyiwe wafa. Eduze kwesidumbu sakhe bekukhona namagobhozi amaphilisi angenalutho," kusho uCovane.

NgoMgqibelo, amalungu egatsha labaseshi baseBainsvlei babophe umsolwa owaziwa njengomfowabo kamufi.

Amaphoyisa aseFree State athe umsolwa bekulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko.