IDINGA ukusukunyelwa indaba yokhwantalala nezinye izifo ezicindeza ingqondo entsheni IDINGA ukusukunyelwa indaba yokhwantalala nezinye izifo ezicindeza ingqondo entsheni
IZINKINGA zokudlanga kwezifo ezithikameza umqondo nezinye ezitshudenini nakothisha basezikhungweni zemfundo ephakeme kudinga ukuthi zibhekwe.
Lokhu kuvezwe uSolwazi Adam Habib, ongumphathi weNyuvesi iWits ekhuluma engqungqutheleni yeNational Professional Teachers’ Organisation of South Africa (Naptosa) eGreyville ngeledlule.
UHabib uthe emhlabeni wonke kunenkinga enkulu yokudlanga kwezifo ezithikameza umqondo wezitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe ukholwa wukuthi inkinga ingaphezu kwalokhu okushiwo wucwaningo.
“Siyayibona emanyuvesi ngoba siyayilandelela futhi amanyuvesi ayindawo encane okwenza kube lula ukuthi siziqondisise izingqinamba ezikhona. Sibe nezehlo ezibuhlungu zezitshudeni ezine ezizibulele nyakenye, lokhu azikwenzanga enyuvesi ngaphakathi,” kusho uHabib.
Uthe asebekwenzile esikhungweni sabo wukusungula izinhlelo ezinqala zokusiza izitshudeni okubalwa kuzo ukuxoxa nongoti bezengqondo ukuze bathole ukuthi yini abangayenza ukusiza izitshudeni.
UHabib uthe emuva kwalokho bafake izinhlelo ezehlukene okubalwa kuzo ukuba nenombolo esebenza ubusuku bonke engafonelwa uma izitshudeni zinenkinga zizizwa zinomuzwa wokufuna ukuzibulala.
Uthe izitshudeni zisuke zingakhuluma nothile oqeqeshiwe ukuthi alalele aphinde anike iziyalo.
“Sinongoti ekulashweni kwezifo ezithikameza umqondo nezinye izinhlelo zokweseka izitshudeni emikhakheni ezikuyo. Izinkinga ezihlangabezana nezitshudeni ezinye zazo kufanele ngabe zalungiswa emazingeni aphansi.”
Uthe izikhungo zemfundo ephakeme zibhekene nengwadla ngoba kufanele zenze yonke imisebenzi engenziwa ngendlela ukuze ziqinisekise ukuthi izitshudeni zisesimeni esifanele somqondo ukuze zikwazi ukufunda.
“Alukho usizo lwezempilo olufanele ngakho inyuvesi kufanele iluhlinzeke. Abantu abadli ngendlela manje inyuvesi kufanele ibe nohlelo lokuletha ukudla. Azikho ezinye izinhlelo zokweseka izitshudeni ngakho sekufanele thina sizifakele ezethu izinhlelo ezizohlanganisa zonke izinto ukuze kusizakale izitshudeni,” kusho uHabib.
Isikhulu esiphezulu seNaptosa, uMnuz Basil Manuel, sithe nothisha babhekene nenkinga ngoba ayikacwaningisiswa kahle indaba yesimo somqondo sabo.
“Othisha abaningi banengcindezi, elinye iningi labo lithatha imishanguzo yomfutho ophezulu wegazi abanye bathatha imishanguzo yokhwantalala i-prozac,” kusho uManuel.
Uthe uyazi ukuthi imininingwane anayo ayinalo ucwaningo olwenziwe ngayo kodwa wathi lena yinto ekhona nabayibonayo.
Uxwayise ngokuthi isimo sizogcina sesingasalawuleki uma kungabhekwana naso.
Uthe bamatasa nocwaningo njengamanje olubheka ukuthi inkinga seyidlange kangakanani.
UManuel uthe bafisa sengathi lungenziwa ngcono uhlelo olukhona lapho othisha bekwazi ukwelulekwa ngokomqondo baphinde bakhulume ngezinkinga abahlangabezana nazo.
Uthe kukhona iziphakamiso asebezenzile futhi bafuna ukubamba iqhaza ekufunweni kwesisombululo bangagcini kuphela ngokukhomba izinkinga nezingqinamba ezikhona kodwa bangenzi lutho.