Izindaba

UNkonyeni uhambele abashelwe yimijondolo

SILINDILE NTOMBELA|Published

UNGQONGQOSHE wezoKuhlaliswa kwaBantu, uNkk Peggy Nkonyeni, ududuze umndeni wakwaNgxolo oshonelwe amalungu amathathu ashe nomjondolo Isithombe: TUMI PAKKIES UNGQONGQOSHE wezoKuhlaliswa kwaBantu, uNkk Peggy Nkonyeni, ududuze umndeni wakwaNgxolo oshonelwe amalungu amathathu ashe nomjondolo Isithombe: TUMI PAKKIES

ZINGAPHEZU kuka-500 izindawo eziyimijondolo edolobheni iTheku namaphethelo.

Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkk Peggy Nkonyeni, izolo ngesikhathi ehambele abantu abashelwe yimijondolo abahlala kuyo kwaShembe, eClermont naseBlackburn ngaseMhlanga. Kubo kukhona umndeni oshonelwe yizingane ezintathu ebezikomunye wemijondolo eshile.

UNkk Nkonyeni ubehambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, ukuyonika usizo kulabo abahlukumezekile.

USamukelisiwe Ngxolo (17) nezingane zakhe ezimbili * -Oluhle Ngxolo (3) noSanokuhle Ngxolo obenezinyanga eziyisithupha bafile ngesikhathi kusha umjondolo abebehlala kuwo ngeledlule.

Kushe futhi nemijondolo ewu-12 yashiya imindeni ingenalutho eBlackburn ngoLwesine owedlule.

UNkk Nkonyeni uthe kabafuni kube khona abantu abahlala emijondolo kodwa ngenxa yokwentuleka kwamathuba omsebenzi emakhaya bayakuqonda ukwanda kwayo.

“Sifuna ukuthuthukisa imijondolo yabantu okungenani ngokuthi sifake ugesi futhi kube yindawo ehlelekile lapho kuzoba lula khona ukuthi abantu bahambe ngoba uma kwenzeka izimo ezifana nalezi kuba nzima nokuthi abosizo oluphuthumayo bafinyelele ukuzosiza,” kusho uNkk Nkonyeni.

Uthe zikhona izinhlelo zokwakhela abantu izindlu futhi nesabelomali sesikhona.

Uqinisekise ukuthi uzothumela abasebenzi ukuzosiza abahlukumezekile.

UNkk Nkonyeni noNkk Khoza badlulele eBlackburn lapho befike banikela khona ngokudla.

UNkk Khoza uthe babone ukuthi banikele kwabashelwe ngoba babhekene nesikhathi esinzima emuva kokushelwa yikho konke abanakho.

“Siyaqonda nokuthi kushe nezinto ezibalulekile njengomazisi namakhadi omholo, ngakho sizothumela osonhlalakahle abazoqinisekisa ukuthi abantu bayazithola izibonelelo zabo eziphuma kuhulumeni,” kusho uNkk Khoza.