Izindaba

Uboshwe nezimbuzi (51) namagusha (21) okwebiwe

ANA Reporter|Published

Amaphoyisa asePolokwane abophe owesilisa oneminyaka ewu-24 ngezinsolo zokweba izimbuzi namagusha. Isithombe: Sithunyelwe Amaphoyisa asePolokwane abophe owesilisa oneminyaka ewu-24 ngezinsolo zokweba izimbuzi namagusha. Isithombe: Sithunyelwe

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa osolwa ngokweba izimbuzi ezingu-51 namagusha angu-21 ePolokwane eLimpopo ngempelasonto.

Lokhu kulandela ukulunywa kwamaphoyisa indlebe, nokuholele ekuboshweni kowesilisa oneminyaka engu-24.

Ngomgqibelo ngo-15:40 ntambama amalungu amaphoyisa ophiko lokuphenya izimpahla ezebiwe abophe umsolwa ashaqa izimbuzo namagusha endaweni yase ga-Madiba eMahwelereng. 

"Kuqalwe kwatholwa izimbuzi eziyisikhombisa namagusha amathathu kumsolwa oboshiwe," kusho uBrigdier Motlafela Mojapelo.

"Enye imfuyo itholwe lapho kuhlala khona abanye abasolwa ababili ababalekile. Laba basolwa bayaziwa ngamaphoyisa kanti basathungathwa."

Amaphoyisa athe acela uLucky Maluleke waseMshongo eMahwelereng kanye noBenny Matlou wase ga-Madiba ukuba, "baye esiteshini samaphoyisa saseMahwelereng noma ikwesiphi esinye isiteshi samaphoyisa ngoba kukholakala ukuthi bangaba usizo ophenyweni".

UBrigadier Mojapelo uthe noma ngabe ubani ongaba nemininingwane noma owazi lapho kukhona laba basolwa, uyacelwa ukuba athinte isiteshi samaphoyisa esiseduzane nabo.

Amaphoyisa asememe abantu abanemfuyo eyebiwe ukuba bazohlola ukuthi ayikho yini kule eshaqwe ngesikhathi kuboshwa umsolwa.

Ezinye zalezi zilwane sezikhonjiwe ngabanikazi bazo. Amaphoyisa anxuse abantu abanemfuyo etshontshiwe ukuba beze esiteshini saseMahwelereng bazokhomba imfuyo ekungeyabo.

Noma ngubani onemfuyo noma amagusha alahlekile angaxhumana noKapteni Kekana ku-0823199318 noma  uWarrant Officer Skwaila ku-0823199532 noma inombolo yeStandby Stocktheft ethi-079 781 6523.

Umsolwa uzovela maduze eNkantolo yeMantshi eMahwelereng