UMPHAKATHI waseHlathikhulu eduze kwaseBhamshela bewuhleli usashaqekile emuva kokutholakala kwesidumbu sikaNksz Zakithi Sebenzani Hlongwa esitholakale eweni emuva kwesonto ethungathwa Isithombe: sithunyelwe UMPHAKATHI waseHlathikhulu eduze kwaseBhamshela bewuhleli usashaqekile emuva kokutholakala kwesidumbu sikaNksz Zakithi Sebenzani Hlongwa esitholakale eweni emuva kwesonto ethungathwa Isithombe: sithunyelwe
SEKUQUBUKE indida ngokutholakala kwesalukazi (87) saseHlathikhulu ngaseBhamshela okusolwa ukuthi sibulawe saphonswa eweni emva kokunyamalala isonto kungaziwa ukuthi sikuphi.
Kuthiwa isidumbu sikaNksz Zakithi Sebenzani Hlongwa sitholwe izolo ekuseni singaphansi kwezihlahla eweni sesonakele emuva kokuthi egcine ukubonakala ngeSonto eledlule. Utakulwe yithimba lamaphoyisa eweni.
UMnuz Jabulani Mbanjwa, ongumholi womphakathi, uthe umphakathi usathuthumela emva kokutholakala kwesidumbu sikaNksz Hlongwa.
Uthe okubamangazile wukuthi lapho etholwe khona bekuyindawo abebhekwa kuyona kusukela enyamalele eledlule ephuma emcimbini obuwenziwe yindodana yesinye sezihlobo zakhe.
Kuthiwa uNksz Hlongwa ugcine ukubonakala ngeSonto emini.
UMbanjwa uthe okunye okubakhathazayo wukuthi uNksz Hlongwa ubedondolozela ngenduku kodwa induku yakhe itholakale buqamama nasemzini wakhe abehlala kuwo yedwa.
“Sisashaqekile singumphakathi futhi sinemidlinzo ngokutholakala kukagogo ephonseke eweni ngoba ubengakwazi ukuhamba engadondolozeli ngenduku yakhe. Ubethi uma ehamba edondolozela ahambe isikhathi eside ehamba ephumula. Kuyaxaka ukuthi ubengahamba ibanga elide eliya ngaseweni engadondolozeli ngenduku yakhe. Okunye okuxakayo wukuthi akekho umuntu omzwile ekhala ngesikhathi ewa eweni. Sisola ukuthi ubulewe ngoba sekukaningi kutholakala abantu emaweni la eMathulini ngendlela engaqondakali,” kusho uMbanjwa.
Owendele kaNksz Hlongwa, uNkk Khanyisile Hlongwa (57), uthe namanje basashaqekile bewumndeni futhi baphatheke kabi kakhulu ngesigameko esenzekile.
Uthe basadidekile ngokutholakala kwesidumbu sakhe eweni ngoba ubuye emcimbini womshana wakhe ngoMgqibelo ntambama wase ebekwa ekhaya kwathiwa akavale umnyango futhi waphinde wabonakala ngeSonto emini eya komunye umfowabo.
“Akuqondakali ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi isidumbu sakhe sitholakale siphonseke eweni ngoba akadluli nangakhona kule liwa uma eya lapho agcine ukubonakala eya khona futhi noma eseya ekhaya akadluli ngakulona. Singumndeni sididekile kakhulu futhi siphatheke kabi ngokutholakala kwakhe esesimeni atholakale ekusona. Besilokhu simbheka kusukela siqalile ukubona ukuthi unyamalele kwaze kwaba yinamuhla (esho izolo),” kuchaza uNkk Hlongwa.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi uphiko lwabatakuli namaphoyisa aseNsuze asendaweni yesigameko wathi bazophendula kahle uma sebethole imininingwane egcwele.