AP Photo/Ted S. Warren, File AP Photo/Ted S. Warren, File
UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal unxusa ukuthi abantu bangathuki mayelana nokusabalala komkhuhlane i-A(H1N1).
Lokhu ukwenze emuva kokuthola inqwaba yezingcingo zivela ezikoleni nakubazali abakhathazekile ngoba besola ukuthi izingane zabo noma abantu abasondelene nabo banalo mkhuhlane.
UNgqongqoshe wezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe bathola inqwaba yezingcingo mayelana nomkhuhlane emuva kokushona kwengane yaseMgungundlovu eneminyaka eyisishiyagalombili obekuthiwa ibulawe yiwo. Ingane beyinezimpawu zomkhuhlane kodwa akuzange kuqinisekiswe.
UNkk Simelane-Zulu uthe ukusiza ophenyweni kube sekuhlolwa ingane yakwabo kwatholakala ukuthi ike yaphathwa yi-A(H1N1) kodwa seyiluleme.
“Uninakhulu wengane okudingeke ukuthi alaliswe esibhedlela naye useluleme kodwa imiphumela yakhe ayikabi bikho,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Uthe ngokujwayelekile isikhathi esiphakathi kukaMeyi noJulayi yisikhathi somkhuhlane othelelanayo eNingizimu Afrika.
Uthe kunezinhlobo ezintathu zomkhuhlane - i-influenza A(H1N1), yi-influenza A(H3N2) ne-influenza B.
Uthe umkhuhlane i-A(H1N1) uqale ukuvela ngo-2009 kodwa manje sekuwumkhuhlane wenkathi yonyaka ovame ukuba khona ngesikhathi sasebusika futhi welashwa njengeminye imikhuhlane.
Abantu bangawuthola umgomo wokuvimbela umkhuhlane nemishanguzo yokuwelapha.
Unxuse ukuthi bagome abasengcupheni yokuthola umkhuhlane okubalwa kubo abantu besifazane abakhulelwe, izingane ezineminyaka engaphansi kweyisithupha nabantu asebekhulile abanezifo ezibeka amasosha emizimba yabo engcupheni nabantu abanegciwane lengculazi.
Unxusa ukuthi abantu bayeke ukusabalalisa ukuthi umkhuhlane ubhedukile ngaphandle kokuba nesiqinisekiso salokhu. Uthe lokhu kudala ukukhathazeka okungenasidingo.
Uthe umkhuhlane akufanele ubizwe nge-“swine flu” ngoba yona itholakala ezingulubeni.
Kusukela kuphume imibiko yezindaba eziholele ekutheni kube nokukhathazeka uMnyango wezeMpilo sewukhiphe imininingwane evela kwiNational Institute for Communicable Diseases (NICD).
Kunxuswe labo abangawutholile umgomo ukuthi bazivikele ngokuthi bazinakekele. Ezinye zezinto ezigqugquzeliwe wukuthi kufundiswe izingane ukuthi zingaphuzi esitsheni esisodwa noma zidlele ezitsheni ezingawashiwe.
Kudingeka zifundiswe nokuthi zimboze uma zikhwehlela noma zithimula nokuthi ziwashe izandla nokunye.
UNkk Simelane-Zulu uthe basingamele ngendlela isimo somkhuhlane athe sewufana neminye.