ZIMISE ukusebenza izitshudeni zase-UNISA izolo zibhikisha zikhala ngemiphu-mela nezinye izimfuno ZIMISE ukusebenza izitshudeni zase-UNISA izolo zibhikisha zikhala ngemiphu-mela nezinye izimfuno
KUPHAZAMISEKE ukusebenza esikhungweni i-University of South Africa (Unisa) eThekwini emva kombhikisho wezitshudeni ebezikhala ngemiphumela nezinye izimfuno. Izitshudeni zakule nyuvesi zingenele umbhikisho izolo nangoLwesithathu zikhala ngokuthi le nyuvesi ayizishayi mkhuba izimfuno zazo.
Umengameli womkhandlu wezitshudeni, uLungile Nhlenyamba, uthe uhla lwezimfuno zabo lufaka ukuxhaswa kwezitshudeni ngemali, ukubhalisa, ukungakhishwa kwemiphumela yezitshudeni nokunye.“Inyuvesi ayiyikhiphanga imiphumela yezitshudeni, okwenza kube nzima ukuthi zibhalisele i-semester yesibili. Ngikhuluma nje inyuvesi ayizikhiphanga izibonelelo zokudla nezezincwadi. Ezinye izitshudeni kuphoqeleke ukuthi zibhale zingenazo izincwadi zokufunda nokungaba nomthelela omubi emiphumeleni yazo,” kusho uLungile.
I-Unisa ikhiphe isitatimende idalula ukuthi isikhiphe * -99% wemiphumela yezitshudeni yezivivinyo ze-semester yokuqala.
“Imiphumela esele ngeyabafundi abanezimo ezihlukile futhi imiphumela yabo izokhishwa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
Abafundi base-Unisa abathole yonke imiphumela yabo yokuhlolwa bakhuthazwa ukuba babhalise futhi bakhokhele i-semester yesibili ka-2019 ngokushesha ukuze bandise isikhathi sokufunda,” kusho isitatimende.
I-Unisa ithe umnqamulajuqu wokubhalisela i-semester yesibili ihlehliselwe * -Agasti 16.
ULungile uthe imiphumela ekhishwe yilesi sikhungo ayihambisani nokwakubhalwe izitshudeni.
“Sithumele isicelo sokuhlangana nabaphathi benyuvesi basePitoli ukuze sidingide zonke izikhalo zethu. Kodwa basizibile isicelo sethu, nanamhlanje ngizothumela esinye isicelo. Uma bengazimisele ngokuhlangana nathi ngenhloso yokuxazulula isimo, umbhikisho uzoqhubeka,” kuqhuba uLungile.
Umphathi wezokuxhumana esifundeni saKwaZulu-Natal e-Unisa, uMnuz Siyabonga Seme ukuqinisekisile ukuthi kuphazamisekile ukufunda ngenxa yombhikisho.“Kuphazamiseke ukufunda ezimpikweni zaseKZN nasePitoli lapho okuqale khona umbhikisho. Inyuvesi ayivaliwe, sizoqhubeka sibe nemihlangano nomkhandlu wezitshudeni ukuxazulula isimo,” kusho uSeme.