UGWETSHWE iminyaka emihlanu owathenga iBWM eyebiwe. Isithombe: Pixabay UGWETSHWE iminyaka emihlanu owathenga iBWM eyebiwe. Isithombe: Pixabay
UGWETSHWE iminyaka emihlanu ebhadla ejele owesilisa owathenga imoto eyebiwe yohlobo lweBMW eThekwini.
UMnuz Masimdumise Bhengu (34), osebenza kwaMTN, wathola le moto yohlobo lweBMW 4 series ebiza isamba sikaR500 000 ngemuva kwezinsuku ezimbili yebiwe.
Uboshwe sekuphele amasonto ayisithupha le moto ikuyena.
Ngokombiko wephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune, abaseshi beSAPS Provincial Vehicle Task Team bathola imininingwane yokuthi iBMW eyayibikiwe ukuthi yebiwe ngomhlaka-31 Januwari nyakenye, ipakwe enxanxatheleni yezitolo zasePavilion.
UBhengu utshele amaphoyisa ukuthi umngani wakhe onguSimo owayemhlelele ukuthenga le moto.
UBhengu uvumile enkantolo ukuthi yayikuyena imoto eyebiwe, ayalelwe uSimo ngayo. Uveze ukuthi wayehlele ukuyikhokhela zinyanga zonke ngesamba sika-R8 000.
Ngesikhathi kwethulwa isigwebo eNkantolo yeMantshi eThekwini, iMantshi uFarieda Mohamed iyichithile incazelo kaBhengu yathi ukhombise ukuba umuntu ongathembekile futhi ozama ukubalekela ukubhekana nengalo yomthetho. UMohamed ukhalile ngokunyuka kwezinga lokudunwa kwezimoto kuleli.
Uthe ukudlondlobala kwalokhu kwenziwa abantu abafana naye umsolwa ngoba bayazithenga izimoto ezisuke zebiwe.
UMohamed uqhube wathi, umphakathi uthembele ezinkantolo ekunqandweni kwabaphula umthetho.
Obeshushisa uBhengu u-Adv Kuveshni Pillay uthe lolu hlobo lobugebengu luncike kubathengi kanti yibona abenyusa izinga lokwebiwa nokudunwa kwezimoto.