UMNUZ Sam Meyiwa wazama ukuxhumana nowayengungqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula ngodaba lokungaboshwa kwababulala indodana yakhe uSenzo Meyiwa. Isithombe: Nqobile Mbonambi UMNUZ Sam Meyiwa wazama ukuxhumana nowayengungqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula ngodaba lokungaboshwa kwababulala indodana yakhe uSenzo Meyiwa. Isithombe: Nqobile Mbonambi
UCHAZWE njengoyise obeyithanda indodana yakhe uMnuz Sam Meyiwa okumenele ezintatha namhlanje ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi.
Umndeni kaMnuz Sam Meyiwa, onguyise kalowo owayengunozinti weOrlando Pirates uSenzo Meyiwa, uqinisekise izindaba zokudlula kwakhe namhlanje ekuseni kanti usuveze ukuthi ushone ngoMsombuluko ngo-3:00 ekuseni.
Okhulumela umndeni wakwaMeyiwa uMnuz Nathi Ngwenya uthe, ukushona kwakhe "kubethusile".
"Ushonele ekhaya lakhe abehlala kulo nomndeni wakhe namhlanje ekuseni ngo-3:00."
UMeyiwa washawa yisifo sohlangothi ngo-Agasti nyakenye nokwaholela ekutheni isimo sakhe sempilo singabi sihle.
Waba sematheni kwabezindaba ngesikhathi esola amaphoyisa ngokwehluleka ukuxazulula udaba lokubulawa kwendodana yakhe uSenzo Meyiwa.
USenzo wadutshulwa wabulawa eVosloorus ngo-October ngonyaka ka-2014. Kubikwa ukuthi wadutshulwa bebanjwa inkunzi kubo kaKelly Khumalo, ayethandana naye ngaleso sikhathi.
UNgwenya uthe umndeni ubusasezinhlelweni zokufaka itshe ethuneni likaSenzo.
NgoJuni nyakenye abangani baSenzo nabalandeli bakhe baba nomdlalo webhola likanobhutshuzwayo eMlaza, nokwafaka umqondo wokuthi kube umdlalo waminyaka yonke wokubungaza lesi sihlabani sebhola.
Lo mdlalo baphinda bawusebenzisa njengendlela yokufaka ingcindezi emaphoyiseni ukuthi aqhubeke aphenye ngokubulawa kukaSenzo. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele wayengezinye zezihambeli zalo mdlalo, kanti waveza ukuthi bazoboshwa ngaphambi kukakhisimusi nonyaka abasolwa ngokubulala uSenzo.
UNgwenya uthe, umndeni ubusasezingxoxweni zokuthi uphinde ube khona lo mdlalo nakulo nyaka kodwa izinhlelo zizoma ngenxa yokushona kukaSam. "Kusishaye kakhulu," kusho yena.
"USam ubeyithanda kakhulu indodana yakhe, babesondelene kakhulu. Ubehlale exoxa ngaye, kodwa eyekele konke kumthetho ukuthi udlale indima yawo. Nokho ke kwesinye isikhathi abezomthetho bashaya ngonyawo lonwabu okuyinto ekhathazayo," kusho uNgwenya.
Uthe umndeni uzokhipha isitatimende ngokuqhubeka kosuku ngezinhlelo zokufihla.
Khonamanjalo, abantu badlulise amazwi enduduzo kuTwitter ngokudlula emhlabeni kukaMeyiwa.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/RIPSamMeyiwa?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#RIPSamMeyiwa
— 🇱🇸 🖤💚💛🇿🇦 (@MillyLethule)
%%%twitter https://twitter.com/BafanaBafana?ref_src=twsrc%5Etfw">@BafanaBafanaCaptain Senzo Meyiwa. My deepest condolences to the Meyiwa family and friends. Farewell Baba, may your saddened soul Rest In Peace. #RIPSamMeyiwa pic.twitter.com/tiqUEKIwFq
— Adv Busisiwe Mkhwebane (@AdvBMkhwebane)
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/RIPSamMeyiwa?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#RIPSamMeyiwa pic.twitter.com/nmTqwAjS7Y
— Bonke Lungelo Sonti (@SontiSir)
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/SamMeyiwa?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#SamMeyiwahas died and still there is no justice for Senzo Meyiwa - almost 5 years later. How many ministers and police commissioners have we had in that period? 😞 #RIPSamMeyiwa pic.twitter.com/O3tSncXwrE
— Ole Sihle Mlambo ✍🏿️ (@SihleSays)
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/RIPSamMeyiwa?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#RIPSamMeyiwa
Saps failed Bra Sam Meyiwa
He died without knowing who killed his son Senzo meyiwa pic.twitter.com/OrussHnOrQ
— AVHA RAMUKOSI (@Avha_Ramukosi)