Udoti ongaqoqiwe eCato Manor Udoti ongaqoqiwe eCato Manor
UMPHAKATHI waseCato Manor sewusabise ngokuqhubeka nokumisa ukuqoqwa kukadoti osekunamasonto amathathu ungaqoqwa ngoba umphakathi unganeme ngohlelo lokukhishwa kwamathenda nemisebenzi.
Kuthiwa inkampani ethole ithenda yokuqoqa udoti ezindaweni okubalwa kuzo eNsimbini naseFast Track West, eCato Manor iqale ukusebenza ngoJulayi 1 kodwa yamiswa ngoJulayi 4 emuva kokuthi umphakathi uzwakalise ukunganami ngokukhishwa kwethenda nangokuqashwa kwabasebenzi abashanela umgwaqo nabaqoqa udoti.
Le nkampani iphinde yafika izolo ithi izoqoqa udoti kodwa umphakathi wayivimba.
Ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lalo ligodlwe ngoba lithi lisabela ukuhlukunyezwa, lithe amalungu omphakathi athi ngeke ayivumele iqhubeke nokwenza lo msebenzi kungakacaciswa ngohlelo olulandelwayo ekukhipheni amathenda okuqoqwa kukadoti nokukhishwa kwemisebenzi.
“Abantu sebekhathele ukulalela izinto ezishiwo yikhansela ngoba lidlala ngabo. Ngesikhathi kukhulunywa le ndaba ngomhlaka 4 Julayi, ikhansela lathi akukasayinwa sivumelwano nenkampani esebenzayo kodwa manje selithi sekusayiniwe. Akekho ozayo azoletha inkampani esuke seyithole umsebenzi ayethule emphakathini. Akekho otshela amalungu omphakathi ukuthi kufanele enzeni ukuze athole imisebenzi,” kusho leli lungu lomphakathi.
Ilungu lekomiti elithe aligunyaziwe ukukhuluma nezintatheli, lithe lolu daba selubaqhatha nomphakathi ngoba emphakathini kuba sengathi kukhona asebehlafuniswe khona.
“Umphakathi ubuza kithina ukuthi kwenzekani ngohlelo lokukhishwa kwethenda kanye nohlelo lokuqokwa kwezinkampani ezisosebenza phansi kwalowo oqokiwe? Ikhansela livele lingafuni ukukhuluma nomphakathi liwuchazele lona esidlangalaleni,” kusho ilungu lekomiti.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe ngokuthola kwabo inkinga ebikhona beyiphakathi kasonkontileka nomphakathi kodwa seyilungisiwe. Uthe umasipala sewungenelele kanti futhi ukuqoqwa kwadoti kuzobuyela esimeni kule ndawo.