INZIMA impilo enganeni yaseMzinto ezalwe inembobo enhlizweni njengoba ingakwazi ukuphila njengezinye
izingane.
Unina wengane, uNksz Samkelisiwe Jili (33) waseMalangeni, eMzinto, uthe sinzima isimo sempilo yendodana yakhe eneminyaka emithathu. ULangelihle uzalwe enembobo enhliziyweni ngasesandleni sokudla. Phezu kwalokhu unenkinga yamaphaphu okuthiwa kawakhekanga ngendlela efanele.
UNksz Jili uthe isimo senza kube nzima ukuthi ingane iphile njengezinye izingane ngoba kunezinto engakwazi ukuzenza.
“Njengoba enembobo enhlizweni angikwazi ukumshiya nomunye umuntu, kufanele ngihlale ngimgadile. Akakwazi ukuhamba ibanga elide ngakho kufanele ngimqukule noma edinga ukuya endlini encane. Inzima kakhulu impilo kuyena,” kusho uNksz Jili.
Uthe indodana yakhe izalwe ngo-2016 inenkinga yenhliziyo banethemba lokuthi isimo sayo sizoba ngconywana ngokuhamba kwesikhathi kodwa kunalokho isimo sayo siye ngokuba nzima.
UNksz Jili uthe ingane yakhe ithola usizo olusezingeni eligculisayo esibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central.
Uthe into enzima kuyena noyise wengane wukuthi kunzima ukuyenzela zonke izidingo zayo ngenxa yokuthi kazifani nezezinye ezingane ezingontanga bayo.
Uthe enye into eyenza kube lukhuni wukuthi indodana yakhe ayidli noma yikuphi ukudla ngaphandle kokukhethekile ukuze kuhambisane nesimo sayo sempilo.
Ngaphandle kwalokhu uthe okunye okunzima kubona wukuthi abasebenzi benoyise wengane osanda kuphelelwa yitoho.
“Mina esibhedlela bathi kufanele ngihlale naye umntwana ukuze ngikwazi ukumnakekela ngendlela efanele. Wubaba wakhe obesebenza kodwa waphelelwa umsebenzi. Ngenxa yalokhu sesiphoqeleka ukuthi sonke siphile ngemali yesibonelelo naso esingenele,” kusho uNksz Jili.
Uthe okunye okubakhathazayo wukuthi udokotela wengane wathi kufanele ingahambi ibanga elide ngenxa yesimo sayo. Uthe wathi kufanele bathole indlu yomxhaso enethoyilethi endlini manje kufanele amqukule uma emyisa ethoyilethi. Uthe bayafisa ukulungiselwa simo nokuthi bathole indlela yokukwazi ukumelana nezindleko zokukhulisa uLangelihle. Unina wengane uthi ivame ukuya esibhedlela ngenxa yokuthi iba nenkinga yokuphefumula bese edinga ukuphuthunyiswa esibhedlela, ahlale izinyanga ixhunywe emishinini.
Ikhansela lakuleya ndawo, uNksz Sibahle Shange uthe bayalwazi udaba lwalo mndeni nomntwana wabo. Uthe basanda kuxoxa noyise wengane lapho bekhulume ngodaba lomsebenzi. UNksz Shange uthe uyise wengane ufikile ezokhala ngetoho wamtshela ukuthi uma kukhona amathuba avelayo bazombhekelela ngenxa yesimo somndeni wakhe.
Mayelana nokufakwa kwethoyilethi endlini uthe sebeludingidile nomnyango wezokuhlaliswa kwabantu okulindeleke ukuthi lulungiswe maduzane emizini enabantu abaphila nokukhubazeka.