Izindaba

Uzonxeshezlewa ngoR400 000 owaboshwa esolwa ngokubulala umyeni

Zelda Venter|Published

Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA). Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA).

UZOTHOLA isinxephezelo sika-R400, 000 esivela emaphoyiseni uthisha waseGa-Rankuwa ePitoli owaboshwa ngokungemthetho ngecala lokubulawa komyeni wakhe ngonyaka ka-2005.

UNkk Rebecca Mole (59) watshela inkantolo ephakeme yaseGauteng esePitoli ukuthi wahlala izinsuku ezinhlanu esitokisini ngaphambi kokuba adedelwe. Ngesikhathi eboshiwe uMole wahlukunyezwa amaphoyisa ayefuna avume ukuthi wabulala umyeni wakhe. Inkantolo yemantshi yenqaba ukumshushisa kuleli cala. 

UMole uthe nakuba igama lakhe seligezekile kodwa usathuthumela ngalesi sehlo futhi nasemphakathini abanye basambona njengombulali.

Umyeni wakhe wadutshulwa wubulawa esanda kufika emzini wabo oseGa-Rankuwa Heights ngo-Ephrelil ngo-2005. UMole uthi wayesahleli elinde ukuthi abuye ngesikhathi ezwa kuvuleka isango wazitshela ukuthi nguye ongenayo. 

Uthi wezwa sekuqhuma isibhamu kathathu kodwa wanganaka ezitshela ukuthi siqhuma kwenye indawo. Kuthe lapho ebona kudlula isikhathi umyeni wakhe engangeni endlini waphuma wamfica endindilizile edamini legazi. 

Ngemuva kweminyaka emithathu edlulile emhlabeni umyeni wakhe, uthi wafika ekhaya waziswa indodana yakhe ukuthi kade kufike amaphoyisa ezomfuna. Waya esiteshini samaphoyisa lapho ahlangabezana khona nempatho ebuhlungu esolwa ngokubulala umyeni wakhe. Uthi wayebuzwa imibuzo ngendluzula, wayalelwa ukuthi akhumule amacici, wafakwa uplastiki ekhanda, baqhubeka bampheka ngemibuzo imizuzu engu-90 ngaphambi kokuba ayiswe esitokisini. 

Ngaphambi kokuvalelwa esitokisini wathinta uthishanhloko walapho afundisa khona ukumazisa ngokumehlele.

Ukuvela kwakhe enkantolo kwalibaziseka, amaphoyisa amazisa ukuthi akabuyele ekhaya alinde uzokwaziswa ngosuku azovela ngalo enkantolo. Uthi ngemuva kwalokho wathintwa ngummeli wakhe owamazisa ukuthi icala selihoxisiwe. 

UMole uthi nabomndeni womyeni wakhe babevele besola yena ngokubulawa kwakhe. Waze waphoqeleka ukufaka udaba enkantolo ukuze avikeleke ngemuva komngcwabo. Uthe abantwana bakhe bahlukumezeka kakhulu ngalokhu kwaze kwadingeka ukuthi bathole ukwelulekwa ngokwengqondo.