Izindaba

Lihlehliselwe u-Agasti elosolwa ngokubulala uLanga

SILINDILE NTOMBELA|Published

UMnuz Jabulani Mthethwa (52) ubuyele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo lapho ebhekene khona necala lokubulala nelokubamba inkunzi. Isithombe: Sne Masuku UMnuz Jabulani Mthethwa (52) ubuyele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo lapho ebhekene khona necala lokubulala nelokubamba inkunzi. Isithombe: Sne Masuku

LIHLEHLISELWE inyanga ezayo icala lowesilisa osolwa ngokudubula abulale umfundisi waseThekwini, uMnuz Sakhile Mhlonishwa Langa.

UMnuz Jabulani Mthethwa (52) ubuyele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo lapho ebhekene khona necala lokubulala nelokubamba inkunzi.

UMthethwa utshele inkantolo ukuthi ngemuva kokuxhumana nabomndeni wakhe ngocingo uthathe isinqumo sokuthi amelwe ummeli wesihle.

Umshushisi waleli cala uMnuz Calvin Govender ukubeke kwacaca ukuthi uyakuphikisa ukuthi uMthethwa anikwe ibheyili ngoba amacala abhekene nawo abucayi.

IMantshi uVanitha Armu ilihlehlisele u-Agasti 13 icala ukuze uMthethwa afake ngokusemthethweni isicelo sebheyili.

UMthethwa ungene ebhokisini ehamba ngezinyawo futhi ebukeka ekhathele.

Ubelokhu emoyizela ngenkathi iMantshi ikhuluma naye.

Abebethamele leli cala bakhombise ukudinwa banxapha ngenkathi uMthethwa esephuma enkatolo emva kokuhlehliswa kwecala

lakhe.

ULanga obesebenza kuMasipala weTheku wadutshulwa ngesikhathi elekelela ukuthi kubanjwe abantu ababekade bebambe isitolo inkunzi ePhoyithi, eThekwini.