KUSHONE unogada kwalimala omunye ngesikhathi bedutshulwa besemtholampilo wakwa-V eMlaza ongasasebenzi, abebewugada.
Umthombo osondelene nodaba kodwa ongathandanga ukudalulwa, uthe kufike abalisa ababili izolo ekuseni emuva kwehora lesihlanu begqoke umfaniswano wonogada abasebenza kule nkampani eyaziwa ngeKhuselani Security and Risk Management (KSA). Uthe laba balisa bathe bacela ukungena ngaphakathi balinde induna yabo ebizobalanda ibayise lapho abebezosebenzela khona eMbumbulu.
“Oyedwa wonogada kwabathathu abebekhona ubangenisile. Kuthe sebengaphakathi emtholampilo, bamphushela phansi base bedubula laba abanye ababili babaphuca izibhamu namaselula,” kusho umthombo.
Kulesi sigameko kushone uMnuz Sihle Mbambo okuthiwa udubuleke engalweni, inhlamvu yadlulela enhliziyweni yaphumela ohlangothini. Unogada osindile naye udubuleke engalweni.
Umthombo uthe akucaci ukuthi laba bebehlaselwa ngenxa yobugebengu yini njengoba bephucwe nezibhamu noma bekuyinto ethinta izinkinga ezikhona emsebenzini. Uthe isigameko sokuhlaselwa kwabo sishiye wonke umuntu edidekile.
Ilungu lomphakathi elidlule lesi sigameko sisanda kwenzeka lithe namanje umphakathi usathukile ngoba lo mtholampilo bewungasasebenzi futhi beyingekho into ebike yenzeka kuwona ngaphambili.
Uthe nabo bathole emuva kwendaba sebeshaye bachitha laba balisa okuthiwa bebegqoke umfaniswano wonogada abathinteka kulesi sigameko. Kuthiwa labo nogada abadutshuliwe badutshulwe bengaphakathi emtholampilo, omunye ehleli esihlalweni. Kubona kuthiwa bekukhona obesanda kufika ezodedela omunye obekufanele agoduke sekusele imizuzu embalwa ajoyinwe nguzakwabo abezosebenzisana naye. Unogada oshonile kuthiwa bese kusele imizuzwana nje ukuthi agoduke aye khaya njengoba isikhathi sokushayisa bese sisondele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala, elokuzama ukubulala, nelokuphanga.
“Kusolakala ukuthi namuhla emuva kwehora lesihlanu ekuseni onogada bebesebenza emtholampilo okwa-V eMlaza ngesikhathi kufika abasolwa ababili abebegqoke umfaniswano wonogada ofana nowabo babatshela ukuthi balinde umphathi. Kuthe onogada besabavulela isango omunye wabasolwa wabaphoqa ukuthi balale phansi wase edubula oyedwa washona. Umgilwa wesibili yena udubuleke engalweni yangakwesokudla kwathi unogada wesithathu waphuma engenamyocu. Kuthathwe izibhamu ezimbili namaselula abagilwa,” kuchaza uCaptain Gwala.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda udlulise amazwi enduduzo emndenini nasezihlotsheni zikanogada oshonile.
“Udaba lusezandleni zamaphoyisa aseMlaza, umnyango angeke uthande ukwenaba ngalolu daba,” kusho uNksz Mafunda.