Izindaba

Iphelile imibhikisho KwaMhlabuyalingana

Zanele Mthethwa|Published

UTHEMBISE ukubuya maduze eSkhemelele KwaMhlabuyalingana ukuzokwethula ezinye izinhlelo zokuxazulula inkinga yamanzi uMnuz Sipho Hlomuka onguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal Isithombe:SITHUNYELWE UTHEMBISE ukubuya maduze eSkhemelele KwaMhlabuyalingana ukuzokwethula ezinye izinhlelo zokuxazulula inkinga yamanzi uMnuz Sipho Hlomuka onguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal Isithombe:SITHUNYELWE

SIBUYELE kwesijwayelekile isimo izolo KwaSkhemelele, KwaMhlabuyalingana, emuva kwemibhikisho ephazamise amabhizinisi nabasebenzi ngoMsombuluko.

Kulamule ukufika kukaNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ngoMsombuluko ntambama umphakathi uvutha ungabaselwe ukhala ngokunganakwa kwezidingo zawo.

Kuthiwa inkinga yeminyaka yamanzi endaweni iyona edale ukuthi umphakathi uvale imigwaqo ubhikishe. Abahlala khona ngoMsombuluko abakwazanga ukuya emsebenzini nokufunda kwaphazamiseka ngenxa yemibhikisho.

Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe bese bebekezele kakhulu izidingo zabo zinganakwa. Inkinga yamanzi yaqala ngabo-2012 kwathi ngo-2017 kwazanywa ukufakwa amathangi nakhona kwaphelela endleleni.

Ungqongqoshe obephelezelwa yiMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Solomon Mkhombo, uthembise umphakathi ukuthi bazozisukumela izikhalo zawo. Kudingeke ukuthi ahlehlise izinhlelo zakhe aphuthume KwaMhlabuyalingana ngenxa yokushuba kwesimo.

Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba, ungqongqoshe uthe bakhathazekile ngokuthi umphakathi awunawo amanzi ahlanzekile phezu kokuba kuneShemula Water Scheme eduze.

“Sinezinhlelo ezimbalwa ezizokwenza ukuthi umphakathi usizakale. Sizoletha amathangi amanzi ukuxazulula inkinga okwesikhashana ngesikhathi sisazama ukuthola ezinye izixazululo,” kusho uHlomuka.

Uthembise ukubuyela emphakathini esikhathini esingaphansi kwesonto ukuzokwethula ezinye izinhlelo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kusukela ngeSonto ebusuku amalungu omphakathi avala umgwaqo uP522 eSkhemelele. Uthe umphakathi uvale umgwaqo ngezihlahla washisa namathayi wajikijela amaphoyisa ngamatshe.

“Kulimale iphoyisa ekhanda ngesikhathi abantu belishaya ngamatshe. Kuvulwe icala lokushaya eliphenywa esiteshini eManguzi,” kusho uCaptain Gwala.

Uthe amaphoyisa asaqhubeka nokuqapha isimo kodwa umgwaqo usavaliwe.

Nangesonto eledlule besishubile isimo eMtubatuba naKwaHlabisa lapho bekuvalwe khona umgwaqo uR618 ngenxa yemibhikisho. Kuphinde kwavalwa nomgwaqo uN2 ngaseNkodibe, kwaboshwa namanye amalungu omphakathi abesolwa ngokuphehla udweshu. Nakhona eMtubatuba umphakathi ukhala ngenkinga yamanzi okuthiwa asenesikhathi eside ngekho. Nakhona isimo sesibuyele kwesijwayelekile emuva kwezithembiso zokulethwa kwamanzi.