Bangqubuzane namaphoyisa abafundi baseDUT ngesikhathi bebhikisha kuleli sonto. Isithombe: Motshwari Mofokeng African News Agency (ANA) Bangqubuzane namaphoyisa abafundi baseDUT ngesikhathi bebhikisha kuleli sonto. Isithombe: Motshwari Mofokeng African News Agency (ANA)
KUYAQHUBEKA ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology (DUT) emva kombhikisho wezitshudeni zakule nyuvesi ngoMsombuluko.
Okhulumela iDUT uMnuz Alan Khan ukuqinisekisile ukuthi amakilasi ayaqhubeka kuzo zonke izimpiko zale nyuvesi.
“Inyuvesi izimisele ngokusebenzisana nomkhandlu wezitshudeni ukuxazulula zonke izikhalo eziphakanyiswe izitshudeni,” kusho uKhan.
Amaphoyisa abeqaphe isimo izolo ngaphandle kwale nyuvesi.
NgoMsombuluko kuphazamiseke ukufunda kule nyuvesi ngenkathi izitshudeni zibhikisha.
Izitshudeni zingenele umbhikisho zikhala ngezidingo zazo okubalwa ukuvunyelwa ukubhaliswa kwezitshudeni, ukuqiniswa kwezokuphepha ukukhishwa kwezibonelelo zokudla ngesikhathi, ubulungiswa ngokudutshulwa kubulawe uMlungisi Madonsela owayefunda kule nyuvesi nokubuyiswa kwamalungu omkhandlu wezitshudeni amisiwe okubalwa nomengameli wawo uSesiyanda Godlimpi.
Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi nama-stun grenade ukuhlakaza izitshudeni.
Okhulumela amaphoyisa uCpt Nqobile Gwala uthe kuboshwe isitshudeni esisodwa kulo mbhikisho kanti sizovela enkantolo maduze.