UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, usenxuse amaphoyisa ukuthi abophe ubaba waseMtubatuba osolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe (13) ephindelela. Kuthiwa lona wesilisa waKwaShikishela Reserve, eMtubatuba, uqale ukudlwengula indodakazi yakhe kusuka ngoMashi nonyaka.
“Sishaqekile ukuzwa ukuthi ingane eneminyaka engu-13 beyidlwengulwa iphindelelwa nguyise. Kunzima ukukholwa ukuthi ubaba angadlwengula. Sikhathazekile ngokuzwa ngalesi sihluku,” kusho uNkk Khoza.
Kuthiwa le ngane itshele amaphoyisa ukuthi uyise uqale ukuyihlukumeza ngoMashi nonyaka.
Kusolakala ukuthi ubeyithuma ekhishini elingaphandle athi ayimenzele ukudla noma athi ayimfakele amanzi okugeza ekamelweni lakhe lokulala bese eyilandela ayimboze ebusweni bese eyinukubeza.
UNkk Khoza uzwakalise ukunyanya ukuthi ubaba wengane ubeyisebenzisa njengesigqila socansi.
Kuthiwa le ngane beyisaba ukumbika emaphoyiseni uyise ngoba ubeyisabisa ngokuyibulala uma kuke kwakhona emtshelayo ngokudlwengulwa kwayo.
UNkk Khoza uthe umnyango wakhe uzosebenza ngokubambisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi umsolwa ubekwa icala ngesenzo sakhe.
Uqhube wathi kuyakhathaza ukuthi akukho ngisho umuntu oyedwa emndenini obonile ukuthi ingane iyahlukunyezwa sonke lesi sikhathi.
Uthe kufanele amaphoyisa asheshe ambophe enzele nabanye isibonelo.
“Ngishaqekile ukuthi uyise wengane akakaboshwa nokuthi amaphoyisa asakhuluma ngokuthi ayaphenya. Leli yicala elibucayi kanti umsolwa kufanele engabe usejele ngesikhathi uphenyo luqhubeka,” kusho uNkk Khoza.
Ujube ithimba losonhlalakahle ukuthi liyophenya ngalesi sigameko nokuthi lithathe izinyathelo lilandela umthetho wokuvikelwa kwezingane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula mayelana nezinsolo zokudlwengulwa kwengane eneminyaka engu-13 ngumsolwa owaziwayo. Uthe bekungakaboshwa muntu, kanti kuphenya uphiko oluphenya ngamaCala oDlame lwemiNdeni, ukuVikelwa kweziNgane namaCala oCansi.