Izindaba

Kutholwe inkonyane enamakhanda amabili ifile

SILINDILE NTOMBELA|Published

INKONYANE enamakhanda amabile etholwe eBergville ifile INKONYANE enamakhanda amabile etholwe eBergville ifile

IYOYIXOXELA amagwababa echobana indoda yaseSandlwana, eBergville, ethe izihambela yazithela phezu kwenkonyane elinamakhanda amabili lifile izolo.

UMnuz Silenda Hlongwane uthe ubezihambela ngenkathi ezithela phezu kwenkonyane.

“Bengizihambela emasimini lapho kujwayele ukudla khona izinkomo ngenkathi ngizithela kulona inkonyane. Belidindilize, lifile. Ngisola ukuthi beselidliwe yizinja. Ngibe sengibiza umphakathi ukuthi uzongibonisa isimanga,” kusho uHlongwane.

Uthe umangele ngoba akaze ahlangabezane nesimanga esifana nalesi.

“Lapha endaweni asikaze sihlangabezane nento enje futhi angikaze ngizwe ngisho abantu abadala bexoxa ngayo, ngakho iwumlando omkhulu nje,” kusho uHlongwane.

Udokotela wezilwane eMnyangweni wezoLimo, uDkt Thembelihle Sikhakhane, uthe yize lokhu kungajwayelekile kodwa kuyenzeka.

“Loku bubizwa ngePolycephaly lapho umuntu noma isilwane siba namakhanda amabili esikhundleni selilodwa. Kusuke kwenzeka uma kuzophuma amawele kodwa iqanda lingahlukani kahle bese kuba nomzimba owodwa namakhanda amabili,” kusho uDkt

Sikhakhane.

Uthe yize lokhu kwenzeka kubantu nasezilwaneni kodwa kuyinto engavamile.

UHlongwane uthe emuva kokuthi ethole inkonyane kufike amalungu omphakathi, amaphoyisa namasosha ukuzoyibona.