Izindaba

Kutholane amaphoyisa nezitshudeni eDUT

SILINDILE NTOMBELA|Published

KUPHAZAMISEKE ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology (DUT) ngenkathi amaphoyisa etholana phezulu nezitshudeni ebezibhikisha kule nyuvesi, izolo.

Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza izitshudeni ebezibhikisha ngoba zikhala ngezidingo zazo okubalwa izibonelelo zokudla, ukuphepha kwezitshudeni kule nyuvesi nokunye.

Umkhandlu wezitshudeni kule nyuvesi ubambe umhlangano nezitshudeni ophikweni iML Sultan lapho kuvunyelwane ngokuthi bazomashela ehhovisi lomphathi ukuyodlulisa uhla lwezimfuno zabo.

Kube muncu ngenkathi izitshudeni zivinjwa amaphoyisa ophikweni iRitson zisendleleni eya ehhovisi lomphathi ukuyodlulisa uhla lwezimfuno, nokuyilapho zihlakazwe khona zizama ukudlula emaphoyiseni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ahlakaze izitshudeni ezibalelwa ku-150 ebeziphazamisa ukufunda kule nyuvesi.

“Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi nama-stun grenades ukuhlakaza izitshudeni ebezibhikisha. Kuboshwe umsolwa oyedwa kulo mbhikisho ngecala lokuphula umthetho, kanti uzovela enkantolo maduze,” kusho uCapt Gwala.

Izitshudeni zifuna kuvunyelwe ukuthi zibhalise, ukuqiniswa kwezokuphepha, ukukhishwa kwezibonelelo zokudla ngesikhathi, ubulungiswa ngokudutshulwa kubulawe uMlungisi Madonsela owayefunda kule nyuvesi nokubuyiswa kwamalungu omkhandlu wezitshudeni amisiwe okubalwa noMengameli wawo uSesiyanda Godlimpi.

Ibamba likaMengameli uPhumlani Sithole, lithe unhloso yabo bekuwukudlulisa izikhalo zabo kubaphathi benyuvesi.

“Sekunesikhathi eside sikhala ngento eyodwa. Ekugcineni sifuna zifezwe izimfuno zethu. Njengomkhandlu sizoqhubeka silwele izidingo zezitshudeni,” kusho uPhumlani.

Uphinde wagxeka isenzo samaphoyisa sokubavimba ukuthi bemashele ehhovisi lomphathi.

UNobhala wenhlangano i-ANCYL uBonginkosi Ndebele, uthe bebebumbene kulo mbhikisho.

“Njengezitshudeni sibone ukuthi sibumbane ngoba sonke asijabulile ngedlela inyuvesi esebenza ngayo. Kumele kuqalwe ukufundwa kodwa kunezitshudeni ezingabhalisile,” kusho uBonginkosi. I-DUT ithe yize izitshudeni zinelungelo lokubhikisha kodwa iphoxekile ngalo mbhikisho.

Okhulumela iDUT, uMnuz Alan Khan, uthe le nyuvesi iyaqhubeka nokuxoxisana nomkhandlu wezitshudeni ukuxazulula izikhalo eziphakanyisiwe.

“Inyuvesi ike yaba nomhlangano nomkhandlu zingu-18 kule nyanga lapho kuvunyelwane ngezinye izikhalo eziphakanyisiwe. Namhlanje (izolo) emva kwalo mbhikisho kuphinde kwabizwa omunye umhlangano nomkhandlu wezitshudeni ukuzoxoxisana ngenqubekela phambili kodwa umkhandlu wabafundi wangafika,” kusho uKhan.