ABAKWA-PRASA baphenya ukuntshontshwa kwesitimela eMkhomazi. Isithombe: DOCTOR NGCOBO/African News Agency(ANA) ABAKWA-PRASA baphenya ukuntshontshwa kwesitimela eMkhomazi. Isithombe: DOCTOR NGCOBO/African News Agency(ANA)
ZIDINWE zigane unwabu izikhulu zakwaPrasa ngokwebiwa kwesitimela KwaZulu-Natal esishayelwe izigebengu ibanga elingamakhilomitha awu-12.
Ngempelasonto izigebengu ezimbili zishiye onogada benkemile ngesikhathi zintshontsha isitimela esiteshini saseMkhomazi.
Kubikwa ukuthi lezi zigebengu zishayele lesi sitimela zaze zayosimisa eMgababa lapho ezehle khona zacela empunzini zingena ehlathini eliseduzane zijahwa onogada.
Ngokusho komsebenzi ocele ukungadalulwa, lesi sitimela besimiswe ukuphelelwa umfutho endaweni enyukelayo.
Omunye umsebenzi wakwaPrasa obesebenza kujantshi ngesikhathi sesigameko, uzwakalise ukwethuka enkundleni yokuxhumana, esola abadla iwunga ngalokhu.
"Bengicabanga ukuthi sengikubone konke emsebenzini wami, kanti cha. Ngesikhathi simatasa sisebenza kwezinye izitimela, abadli bezidakamizwa ababili bantshontshe esinye sezitimela basiqhuba besisusa eMkhomazi bayosifikisa eMgababa. Cabanga nje, ubunzima bokusidumisa, ukudedela amabhreki, ukuqokelela ivacuum ngaphambi kokuthi sisuke sihambe," kusho lo mthombo.
Okhulumela abakwaPrasa uZama Nomnganga uthe, abazimisele ngokuveza imininingwane eminingi ngalolu daba ngoba kusenziwa uphenyo.
UNomnganga uthe isitimela besiduma ngesikhathi laba ababili benquma ukusithatha.
"Lokhu abakwenzile bekunobudedengu ngoba bekugenzeka noma yini kubona. Bebengashayisana nesinye isitimela noma babulale abantu," kusho yena.
Uthe lokhu kufaka imibuzo ekhathazayo ngezokuphepha.
"Abaqhubi bethu bezitimela bagqoka umfaniswano oluhlaza nokumhlophe. Sizonxusa ukuba bonke bagqoke imifaniswano yabo enombhalo wamagama abo ukuze kube lula ukubabona," kusho yena.