Izindaba

Bakha ngo-dli imijondolo emagcekeni abantu

LUNGI LANGA|Published

IMIJONDOLO yaseNkanini, abantu baseBonela abakhala ngokuthi yenza izindlu zabo zingadayiseki. Isithombe: DOCTOR NGCOBO IMIJONDOLO yaseNkanini, abantu baseBonela abakhala ngokuthi yenza izindlu zabo zingadayiseki. Isithombe: DOCTOR NGCOBO

SEBELALA obenyoni abahlali baseBonela abalinyazelwe izindlu ngesikhathi kubhikisha abahlali basemijondolo yaseNkanini abebekhala ngokubhidlizelwa imijondolo.

Abahlali bakuleya ndawo bathe abasabuthi quthu ubuthongo kusukela bebulawelwe amawindi nophahla lwezindlu zabo ezintatha kuzosa kube uMgqibelo, abathi kushaywe ngamatshe amalungu omphakathi abekhala ngokudilizelwa imijondolo.

Kuthiwa amalungu omphakathi aseNkanini adubele emizini yabantu abakhelene nabo ngoba bedinwe yisenzo sophiko lukaMasipala weTheku olulwa nokudliwa komhlaba, iLand Invasion Unit, elidilize imijondolo abayakhe ngokungemthetho.

Kulaba kuthiwa kukhona nabakhe emagcekeni abantu. UMnuz Sikhumbuzo Mnyandu (42), oyilungu lomphakathi waseBonela, uthe bahleli lubhojozi njengomphakathi.

UMnyandu, ophihlizelwe amawindi walinyazelwa uphahla lomuzi wakhe, uthe bebelele ngehora lokuqala ngoMgqibelo ngesikhathi bezwa umsindo.

Uthe ubone ngewindi abantu bephonsa izitini abezithengele ukwakha, beziphonsa emgwaqweni.

“Babuye baphonsa amatshe phezu kophahla bashaya namawindi. Umfana wami omncane ubelele eduze kwewindi wangenwa yigilasi elifile lewindi ehlweni kwafanele siphuthume simgeze amehlo, laphuma. Kumanje laba bantu sebeqale phansi ukwakha futhi basisabisa ngokuthi bazosishisela izindlu zethu uma bephinda bedilizelwa. Sihlalele ovalweni ngoba sihleli nezingane zethu,” kusho uMnyandu.

Uthe okunye abafisa ukucaciselwa kukhona ukuthi umasipala uthini ngale nkinga ababhekene nayo yabantu abakhe emagcekeni abo ngoba laba bantu bathi banikwa ngumasipala igunya lokwakha.

UMnuz Nhlakanipho Shinga, oziphilisa ngokukhanda izimoto nokushiswe imoto abeyikhanda, uthe umsebenzi wakhe uphazamisekile ngoba abantu sebeyasaba ukuletha izimoto zabo kuyena emuva kwalesi sigameko. Uthe kwayena uhlalele ovalweni nomndeni wakhe ngoba akazi ukuthi bazokwenzani okunye laba bantu abashise imoto.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bakhathazekile ngokwenzeka eBonela nakwezinye izindawo lapho abantu abazingenela emhlabeni wamasipala bawudle.

Uthe umasipala awusoze wanika abantu igunya lokudla umhlaba wabanye. UMayisela uthe kungumsebenzi wabo njengomasipala ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyalandelwa yingakho bezoqhubeka nokuzidiliza izindlu ezakhiwe ngokungekho emthethweni - belandela imigomo yomthetho.