ZINGAMAKHULU izingane ezilahlekayo eNingizimu Afrika ngonyaka.
Umbiko ocashunwe kwi-website yenhlangano ebhekela ukulahleka kwezingane udalule ukuthi uphenyo lwango2013 lophiko lwamaphoyisa oluphenya ngokulahleka kwabantu luveze ukuthi kulahleka ingane eyodwa njalo emahoreni amahlanu okubeka inani lezingane ezilahlekayo ngonyaka ku-1 697.
Le nhlangano, iMissing Children South Africa iphinde yadalula ukuthi u-77% wezingane okubikwa ukuthi zilahlekile uyatholakala kodwa u23% wezingane ezilahlekayo awutholakali.
Le nhlangano ithe ukwebiwa kwezingane kungenye yezimbangela zokulahleka kwazo.
Ngokwale nhlangano, i-UNICEF izilinganisele ku-1.2 million izingane ezintshontshwayo ngonyaka emhlabeni jikelele.
Umphathi kazwelonke wenhlangano ebhekela amalungelo ezingane iChildline South Africa, uNksz Dumisile Nala, uthe le nhlangano iyazi ngenkinga ebhekene nelakuleli yokulahleka kwezingane.
UNksz Nala udalule ukuthi le nhlangano isihlangabezane nezigameko eziningi zokulahleka kwezingane.
“Izigameko esike sabhekana nazo ezokulahleka kwezingane iminyaka yazo eqala kweyisishiyagalombili. Izingane zakuleli zisengozini enkulu njengoba libonakala likhuphuka izinga lokulahleka kwazo,” kusho uNksz Nala.
UNksz Nala uthe izikhathi eziningi abantu abasondelene nezingane ezilahlekayo yibona abasuke bebandakanyeka ekulahlekeni kwazo.
“Ngokocwaningo lwethu, sithole ukuthi isikhathi esiningi amalungu omndeni, omakhelwane, izihlobo noma abasondelene nezingane basuke bebandakanyeka ekulahlekeni kwezingane ezivele zinyamalale. Lokho kwenza isimo sibe nzima ngoba kusho ukuthi abekho abantu izingane ezingabethemba uma zijikelwa abantu abasondelene nazo,” kuqhuba uNksz Nala.
UNksz Sbo Ngcobo, osebenzela inhlangano engenzi nzuzo evikela amalungelo ezingane iBobbi Bear, uthe izingane ziphinde zibhekane nobunzima okubalwa kubo nokudlwengulwa uma zilahlekile.
“Kubalulekile ukuthi abazali bazithande izingane zabo futhi bazinakekele, kudingeka ukuthi bahlezi beqaphile ukuthi zikuphi futhi zinobani,” kusho uNksz Ngcobo.
Muva nje Isolezwe libike ngentombazane (10) yaseNazareth, ePinetown, okutholwe isidumbu sayo sicwiyiwe emva kokulahleka.
USiphumelele Mzimba kuthiwa waduka eya kowesifazane wasendaweni owayemluka.
Kuthiwa isidumbu sakhe satholwa ehlathini eliseduze kwendlu yobesolwa ngokunyamalala kwakhe sigqitshiwe, sesonakele, izinyawo ziboshiwe.
Kwesinye isehlo sokulahleka kwengane esibikwe yiSolezwe ngo-Ephreli kwatholakala isidumbu somfana (1) sesonakele ePhoenix, enyakatho yeTheku. Kulesi sehlo kusolwa isoka likanina okuthiwa lamthatha ekubo likhala ngokuthi alimficanga unina womfana lizombheka.
Isolezwe liphinde labika ngoSinikile Mncwango (10) waKwaManz’amnyama eMthunzini owaduka ngoJuni 2 kade egcinwe ekamakhelwane kunephathi yezingane. USinikile akaze atholakale.
UNksz Nala uthe akukho lapho izingane ezingaphephela khona. Uthe siphelile isikhathi sokuthi abazali bayekelele izingane ukuthi ziphume ziyodlala zize zibuye ntambama ngoba azisaphephile.
“Kubalulekile ukuthi abazali bangathembi muntu ngezingane zabo, futhi bahlale beziqaphile noma zidlala ikakhulukazi ngaphandle,” kusho uNksz Nala.
UNksz Ngcobo ugcizelele ukuthi umphakathi kumele udlale indima ekuvikeleni izingane emphakathini.
“Kufanele sihlezi sikhumbuzana ukuthi umntwana wakho umntwana wami, singabahlukumezi futhi singababulali abantwana ngoba sihlukumeza abaholi bakusasa.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athunyelelwe imibuzo ngalolu daba ngoJulayi 1, 10 no 17 kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuchishicilela engakaphenduli.
Amacebo okugwema ukulahleka kwezingane:
* Izingane akumele zihambe noma zidlale ngazodwana. Uma bebaningi noma beyiqoqo kuba nzima kwabayizigilamkhuba ukuthi bathathe abahlose ukumthatha ngoba abanye bangaphuthuma bayofuna usizo
* Izingane kumele zidlale lapho abazali noma abaqaphi bezozibona khona
* Izingane ezihlala ezinkulisa kumele zibhalelwe izinombolo zezingcingo zabazali ezikhwameni zazo ukuze kube lula ukuthola umzali uma ingane isilahlekile.
* Uma izingane zidlala ngaphandle kumele abazali baziqalaze njalo emva kwemizuzu emihlanu
* Kubalulekile ukukhiya isango ukuze izingane zingaphumi noma kungangeni umuntu ongantshontsha ingane.
* Abazali kumele bafundise izingane ukuthi zinqabe futhi zibaleke uma zibizwa umuntu ezingamazi.