Owayengumgadli weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uMarc Batchelor odutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe ngoMsombuluko eGoli. Isithombe esigciniwe: Motshwari Mofokeng Owayengumgadli weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uMarc Batchelor odutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe ngoMsombuluko eGoli. Isithombe esigciniwe: Motshwari Mofokeng
UNGOTI kwezobugebengu kuleli useveze ukuthi izinkabi zibiza isamba semali esiqala kuR50 000 kuya kuR1 million ngokubulala eNingizimu Afrika.
Ekhuluma ngemuva kokubulawa kowayengumgadli weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uMarc Batchelor ngoMsombuluko, uMnuz Paul O'Sullivan uthe izinkabi zingomabizwa asabele uma imali ikhona.
U-O'Sullivann uthe indlela okulula ngayo ukuthola inkabi kuleli, 'ezingamavukana' ziqashwa ngamanani aqala kuR50 000 kuya kuR100 000.
"Inkabi esezingeni eliphezulu, uma ngingabeka kanjalo, ikhokhelwa imali eqala kuR200 000 kuya phezulu. Kunelinye icala lokubulala esake saliphenya eminyakeni embalwa edlule, sathola ukuthi umuntu wasePortugal waqasha inkabi yaseRussia ukubulala umuntu kuleli ngoR1 million," kusho u-O'Sullivan.
Lo mphenyi we-forensic ozimele uthe kuleli cala owaseRussia weza kuleli waqasha isiboshwa saseCzech Republic uRodovan Krejcir ukuthi sibulale ngoR500 000. Uthe uKrejcir wabe eseqasha omunye umuntu ukuthi abulalele ngo-R250,000, laphinde lehla futhi inani sekuqashwa inkabi yesithathu laba ku-R100,000.
"Lowo okwakuhloswe ukuthi abulawe walimala kanzima kodwa useluleme manje. 'Umbulali' owayesekugcineni kuloluhlu lwezinkabi usejele manje ngelinye icala lokubulala," kusho u-O'Sullivan.
Uthe kuyethusa ukuthi amaphoyisa awakabophi noyedwa emacaleni okubulawa kwabantu abaziwayo emphakathini kuleli.
Ubekusho lokhu kulandela ukubulawa kwalowo owayedlala ibhola likanobhutshuzwayo uBatchelor ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi efika emzini wakhe ose-Olivedale, enyakatho yeGoli ehamba nomunye emotweni.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uColonel Lungelo Dlamini ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asathungatha abasolwa ababili okukholakala ukuthi yibo ababulala uBatchelor behamba ngezithuthuthu.