UNGQOGQOSHE wezokuvikela uNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula uthe unethemba lokuthi amasosha afakwe eCape Flats, eCape Town ukulekelela amaphoyisa ngeke agcine echukuluzwa izigebengu. Isithombe: Phando Jikelo / African News News Agency (ANA) UNGQOGQOSHE wezokuvikela uNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula uthe unethemba lokuthi amasosha afakwe eCape Flats, eCape Town ukulekelela amaphoyisa ngeke agcine echukuluzwa izigebengu. Isithombe: Phando Jikelo / African News News Agency (ANA)
UNGQOGQOSHE wezokuvikela uNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula uthe unethemba lokuthi amasosha afakwe eCape Flats, eCape Town ukulekelela amaphoyisa ngeke agcine echukuluzwa izigebengu.
“Ngiyathemba ukuthi ngeke sibe khona isimo esifana naleso ngoba asilindele ukuthi kusetshenziswe udlame,” kusho uNkk Maphisa-Nqakula kwisithangami sabezindaba ngaphambi kokwethula inkulumo yakhe yebhajethi.
UNkk Nqakula uthe njengoba amasosha engaqeqeshiwe ukuthi alawule abantu abayisixuku, amaphoyisa azongenelela ukwenza lowo msebenzi.
“Uma kufakwa amasosha emphakathini kusho ukuthi azodlala indima yokuvikela,” kusho uNkk Maphisa-Nqakula.
Ngesonto eledlule uNgqogqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele umemezele ukufakwa kwamasosha ephalamende ukuze alekelele amaphoyisa ngemuva kokuthi yena noNkk Maphisa-Nqakula benze isicelo kuMengameli Cyril Ramaphosa.
Ukufakwa kwalamasosha kulandela ukuthi iziteshi zamaphoyisa ezingu-10 kulesi sifundazwe zinezezele ngo42% wamacala okuzama ukubulala esifundazweni.
UNkk Maphisa-Nqakula uthe ukubambezeleka kokufakwa kwamasosha eCape Flats kungamangaza abaningi kuleyandawo uma isimo sesisimeme.
UNkk Maphisa-Nqakula uphinde wakuqinisekisa ukuthi amasotsha asefikile futhe anesonto esesifundazweni saseWestern Cape.
UNkk Maphisa Nqakula uphinde waveza ukuthi ukufakwa kwamasosha kulandela ubugebengu kuleya ndawo.
“Isikhathi sokuthi kufakwe amasosha kulendawo uma sifuna isimo sibuyele kwesejwayelekile. Lobu bugebengu obuqhubekayo nokuthi kulawula amaqembu ezigebengu eWestern Cape kumele kuphele ngoba buyindelelo kwelakuleli,” kusho uMaphisa-Nqakula.
Umholi weSandf uGen Solly Shoke uthe baziqeqeshela impi. Uthe akusikho okokuqala ukuthi kufakwe amasosha ukuze alekelele amaphoyisa.
UMnuz Sarel Marais weDA uthe ukufakwa kwalamasosha kuzoqinisekisa ukuhluleka kwe-ANC.
UMnuz Sam Matiase we-EFF uthe ukufakwa kwalamasosha angeke kuxazulule inkinga edala amaqembu obugebengu.
UMnuz Russel Cebekhulu we-IFP no Mnuz Munzoor Emam-Shaik weNFP bathe ukufakwa kwamasosha kungenza kube nokuthula kulomphakathi.