KUQHUME isililo izolo kwabanye babagilwa ngenkathi kuphinde kuhlehla icala likaMoses Mavila obekulindeleke ukuthi agwetshwe ngamacala okudlwengula abesifazane ngasemgwaqweni uM19, eThekwini.
UMavila obevele enkantolo yesiFunda ePinetown usezogwetshwa ngoJulayi 24, ngamacala angu-61 okukhona kuwo okudlwengula, ukushaya nokwebela ayebadlwengula kuM19.
UMavila wawavuma wonke amacala angu-34 ayebekwe wona okudlwengula, ukushaya, ukweba amaselula nemali yabagilwa.
Kuthiwa uMavila wayekhohlisa abesifazane ngokuthi ubatholele umsebenzi eWestville nasePinetown. Wayehamba nalaba besifazane bese ebahlasela emgwaqweni uM19
Waboshwa ngoFebhuwari nonyaka eNew Germany ngemuva kokudlwengula omunye wesifazane oneminyaka elinganiselwa ku-25 kuwo lo mgwaqo.
Ummeli kaMavila uNkk Judy Reddy ucele le nkantolo ukuba imzwele uma ikhipha isigwebo ethi ukhule kanzima.
“UMavila washonelwa unina emncane, akasiqedanga isikole nokwenza angabi nolwazi olunzulu ngempilo futhi unabantwana ababili nengoduso, ngakho kungakuhle inkantolo imninke isigwebo esizomenza aphinde abuyelwe yisimilo sakhe,” kusho uNkk Reddy.
Umshushisi u-Adv Sizwe Khanyile ukuphikisile lokhu, watshela inkantolo ukuthi amacala ayisithupha enziwe uMavila abucayi futhi kumele athole udilikajele ngawo.
“UMavila ungumuntu onesihluku futhi oyingozi, amacala awenzile akhombisa ukuthi kumele asuswe emphakathini,” kusho uAdv Khanyile.
Imantshi uNkk B Asmal, ithe isigwebo izosethula ngoJulayi 24.
Abagilwa abebehambele icala baphume sebedangele abanye becasukile.
“Ayisicabangeli phela le mantshi kunini sihamba leli cala, sifuna ukudlula phela nathi kule nto,” kuzwakala omunye obesequlwini labagilwa abebehamba ndawonye.
Omunye umgilwa ubekhala engathuliseki ngaphandle kwenkantolo emva kokuhlehliswa kwesigwebo.
UMavila ubebukeka ekhululekile ngenkathi esebhokisini labasolwa.