Izindaba

Ufuna ubulungiswa odliswe yisoka indle

SILINDILE NTOMBELA|Published

UFUNA ubulungiswa owesifazane (24) waseShowe obehlukunyezwa uyise wengane yakhe waze wamdlisa indle.

Indoda (54) yaseKing Dinuzulu, eShowe, okuthiwa imimhlukumeza, kulindeleke ukuthi ibuyele enkantolo ngoLwesithathu emuva kokuvela okokuqala ngeledlule.

Umgilwa uvele wakhihla isililo uma echaza ngobekwenziwa ngumsolwa kuye.

“Ubejwayele ukungishaya uma sixabene kodwa lobu bulwane uqale ukubuveza ngoMashi. Ngangimvakashele endlini yakhe ngenkathi engishaya ngocelemba. Izandla zami wayezibophe ngemumva ngentambo kagesi wase wangidlisa indle yakhe, amalotha akhe wangiphuzisa nomchamo wakhe. Waphinde wangibiza futhi ukuthi ngizothatha izinto zengane, kanti usezongihlukumeza. Kulokhu ngangihamba nengane yethu enonyaka. Wavele wathatha ingane wayibeka emotweni yakhe, wase wabuya endlini. Wangikhumulisa ngaba nqunu, wabophela izandla zami ngemuva ngentambo kagesi wase engishaya ngesando. Wangivulisa imilenze ngenkani wase wafaka isandla sakhe ethi kukhona akudonsa esibelethweni sami,” kusho umgilwa.

Umgilwa uthe umsolwa wayemsabisa ngokuthi uzombulala nomndeni wakhe uma eke wakhuluma noma wabikela amaphoyisa.

“Ubengilimaza angishiye nezinhlungu namanxeba okushaywa umzimba wonke bese engishayela ucingo engibuze ukuthi nginjani. Namanje ngisathuthumela ngalokhu abekwenza kimi,” kusho umgilwa.

Umgilwa uthe uyise wengane yakhe ubekwenza lokhu uma kube nokungaboni ngaso linye phakathi kwabo. Uthe uma kube nengxabano ubethula isikhathi eside bese embizela endlini yakhe nokuyilapho abemhlukumezela khona.

Kuthiwa uyise wengane uke waboshwa phambilini ngecala lokubulala ayethandana naye kodwa waphuma ngoshwele.

“Bengazi ngokuboshwa kwakhe. Kimi wathi kwakuyiphutha futhi wabeka owesifazane njengomuntu omubi kodwa ngibubonile ubulwane bakhe ngenkathi engihlukumeza,” kusho umgilwa

Unina womgilwa, ongeke adalulwe ngoba kuvikelwa umgilwa, uthe indodakazi yakhe ihlukumezeke kakhulu.

“Indodakazi yami ibuthakathaka futhi ivele ikhale uma kukhulunywa ngale nto. Kwesinye isikhathi kuba sengathi ihanjelwa wumqondo uma ukhuluma nayo. Ivele ithuke ubala futhi ike yangitshela ukuthi isiyesaba ngoba uma ilele ivele iyibone indoda kusengathi izomlimaza futhi,” kusho unina womgilwa.

Umgilwa uthe ufuna ukuyibona iboshiwe indoda ngekwenze kuye futhi akafuni lutho oluzomhlanganiswa naye.