KUSHONE umshayeli ngenkathi kugingqika iveni abehamba ngayo eVerulam KUSHONE umshayeli ngenkathi kugingqika iveni abehamba ngayo eVerulam
ZIDLULE nemiphefumulo yabantu abathathu izingozi zomgwaqo ezenzeke ngoMgqibelo eVerulam, enyakatho neTheku. Kushone umshayeli kwalimala abagibeli ababili ngesikhathi kugingqika imoto abebehamba ngayo emgwaqweni uR102 eVerulam ngoMqgibelo ebusuku.
Ngokwesitatimende seRusa, abosizo oluphuthumayo bafice imoto i-Opel Corsa igingqikile yalala ngohlangothi emgwaqweni.
“Umshayeli wemoto ubelimele kakhulu. Abosizo oluphuthumayo bazame ukumxilonga kodwa bahluleka, ube eseshonela endaweni yesehlo. Umgibeli obehleli ngaphambili ulimale kakhulu kwadingeka ukuthi akhishwe abosizo oluphuthumayo kule moto, umgibeli wesibili naye ulimalile kodwa ukwazile ukuphuma emotweni.”
Kwesinye isehlo ngosuku olufanayo, kushone umshayeli ngenkathi kugingqika iveni abehamba ngalo khona emgwaqweni uR102.
NgokwabeRusa, abosizo oluphuthumayo baphuthume endaweni yesehlo ngemuva kokubikelwa ngale ngozi eyenzeke ngemuva kwehora leshumi nanye emini.
“Abosizo oluphuthumayo bafice iveni ligingqikile lalala emgwaqweni. Umshayeli ubelimele kanzima kanti ushonele endaweni yesigameko. Abazibonele kwenzeka le ngozi bathe umshayeli uhluleke ukulawula imoto ephaphalaze yase yagingqika.”
Kwesinye isehlo esenzeke kulo mgwaqo emva kwehora leshumi ekuseni kushone owesifazane oyedwa omunye walimala kanzima ngenkathi bechithwa imoto abebehamba ngayo iToyota Corrola.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala ngokungenhloso ngalezi zingozi zontathu.