Izindaba

Intukuthelo kunyuka imali yokugibela eNtshangwe

SILINDILE NTOMBELA|Published

AMAPHOYISA asale ekhuculula umgwaqo emva kombhikisho wamalungu omphakathi waseFredville, eNtshangwe, abekhikishela ukukhuphuka kwemali yamatekisi ngo-R2 AMAPHOYISA asale ekhuculula umgwaqo emva kombhikisho wamalungu omphakathi waseFredville, eNtshangwe, abekhikishela ukukhuphuka kwemali yamatekisi ngo-R2

AYAVEVA amalungu omphakathi aseFredville, eNtshangwe, abebhikishela ukukhuphuka kwemali yamatekisi izolo.

Ukusebenza kwamatekisi kumile ngesikhathi amalungu omphakathi abethukuthele evala umgwaqo ngamathayi avuthayo namatshe eduze kwerenki ekhononda ngokukhuphuka kwemali yamatekisi ngoR2 nokungagculiseki ngendlela asebenza ngayo.

Ilungu lomphakathi ebelihola umbhikisho, uMnuz Siyanda Mvelase, lithe umphakathi ucasulwe wukuthi usoseshini uzithathele isinqumo ngaphandle kokubonisana nawo.

“Usoseshini usibukela phansi. Uvele wanyusa imali ngoR2 ngaphandle kokukhuluma nathi kodwa uyehluleka ukuthuthukisa indlela osebenza ngayo njengoba sima kuze kube buhlungu izinyawo engekho amatekisi azosithatha ezitobhini,” kusho uMvelase.

Uthe kuvame ukuthi imali inyuke ngoR1 kodwa kulokhu inyuke ngoR2.

USihlalo kasoseshini waseFredville, uMnuz B Zuma, uthe bazikhipha izaziso zokukhuphuka kwemali.

“Izaziso ngokukhuphuka kwemali sizikhiphe ngoLwesibili. Sivame ukuthi sibe nomhlangano nomphakathi uma kuzokhuphuka imali kodwa kulokhu sahlangana namakomidi futhi savumelana ngemali amatekisi azokhuphuka ngayo,” kusho uZuma.

Uthe imali yokugibela inyuke ngo R2 kuyo yonke imizila ephumayo endaweni.

Ebuzwa ngokungagculiseki kwabagibeli ngokusebenza kwamatekisi, uZuma uthe benza konke okusemandleni ukuthuthukisa indlela abasebenza ngayo kodwa abantu abaneliseki.

Ngenkathi ithimba leSolezwe lifika eNtshangwe osomatekisi bebemi namatekisi ngaphandle kwerenki. Abantu abebebhikisha bebephethe amathayi nezihlahla, bevala umgwaqo.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe baphenya icala lodlame emphakathini ngemuva kombhikisho.

“Umphakathi uqale umbhikisho entathakusa lapho uvale khona umgwaqo ngamathayi avuthayo, amatshe nezihlahla. Akekho umuntu olimele kodwa amaphoyisa aseNtshangwe aphenya icala lodlame emphakathini,” kusho uCapt Gwala.

Uthe amaphoyisa asiqaphile isimo.

Ikhansela lendawo, uMnuz Malombo Nxumalo, lithe basolile ukuthi kungase kutelekwe emuva kokubona izinto abantu abebezibhala koFacebook emuva kokumenyezelwa kokukhuphuka kwemali yokugibela.

“Emuva kokuthi kukhishwe izaziso zokukhuphuka kwemali saqaphela ukuthi amalungu omphakathi ezinkundleni zokuxhumana ahlongoza ukubhikisha aphikisane nesinqumo. Nangempela entathakusa (izolo) ngithole umyalezo wokuthi kunabantu abashisa amathayi erenki.

“Ngibe sengimemezela umhlangano ngaso leso sikhathi lapho bekuhlangene khona usoseshini nomphakathi. Emhlanganweni umphakathi uphakamise izikhalo zawo zokungagculiseki ngokusebenza kwamatekisi, into okuneminyaka ebalelwa kwewu-25 kukhalwa ngayo, nokukhuphuka kwemali kungavunyelwananga,” kusho uNxumalo.

Uthe emhlanganweni kunqunywe ukuthi umphakathi, usoseshini nomkhandlu babe nomhlangano ngeSonto lapho kuzodingidwa khona udaba.

Ukusuka eNtshangwe uya eThekwini kusuke kuR26 sekunguR28.

Ukuya ePinetown bekunguR20 sekunguR22.

Ukuya eHammarsdale kusuka kuR16 sekunguR18.