SIBE ngaphezulu kuka-100 isibalo sabashayeli ababoshwe kunezivimba mgwaqo eThekwini kule mpelasonto njengoba bekutheleke izinkumbi zabantu zizothamela umcimbi womjaho, iVodacom Durban July.
Lokhu kudalulwe ngenkathi uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uMnuz Fikile Mbalula namaphoyisa omgwaqo bekwivimba mgwaqo ebiseMariannhill Toll Plaza, izolo.
Umphathi wezokulawulwa komgwaqo, iRoad Traffic Management Corporation (RTMC), * -Adv Makhosini Msibi, uthe kuboshwe abashayeli abaningi kwizivimba mgwaqo zaKwaZulu-Natal kusukela ngoLwesihlanu.
“Abashayeli abangu-46 baboshwe ngoLwesihlanu ngenxa yokushayela bephuze ngokweqile kanti ngoMgqibelo kuboshwe abashayeli abangu-48 eMlaza naphakathi neTheku ngokushayela bephuze ngokweqile nokushayela ngesivinini esiphezulu,” kusho uMsibi.
UMsibi uthe zimbili izingozi ezidlule nemiphefumulo yabantu KwaZulu-Natal selokhu kuqale lezi zivimba mgwaqo ngoLwesihlanu.
UMbalula uncome abashayeli namaphoyisa omgwaqo ngokuziphatha kahle emgwaqweni nokuholele ekutheni sibe phansi isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo kule mpelasonto.
“Lena bekuyimpelasonto enkulu nebibhekwe ngamehlo abomvu futhi baningi abantu abebesemgwaqweni behamabele umcimbi iDurban July. Kuyancomeka ukuthi abashayeli baziphathe kahle nokwenze isibalo sabantu abashone ezingozini sibe phansi,” kusho uMbalula.
UMbalula uthe baqale umsebenzi wokuvimba izimoto eThekwini ngaphambi kweVodacom Durban July ngoba bekulindeleke ukuthi kutheleke abantu abaningi kuleli dolobha.
“Besifuna ukuqinisekisa ukuthi sibhekana nabantu abaphula imithetho yomgwaqo, abashayela bephuzile, abashayela izimoto ezingakulungele ukuba semgwaqweni nabagwazela amaphoyisa omgwaqo uma bephule umthetho. Njengohulumeni sifuna ukuqikelela ukuthi abantu baphephile emgwaqweni ngaso sonke isikhathi,” kusho uMbalula.
Umqondisi wezokuhlolwa kwemigwaqo KwaZulu-Natal, uMnuz Victor Chetty, uthe izolo ngaphambi kwehora lesishiyagalombili bese bengaphezu kuka-1000 abashayeli abebephuma kulesi sifundazwe.
“Izivimba mgwaqo zizoqhubeka kuze kube yisonto elizayo njengoba kulindeleke ukuthi babe baningi abantu abazophuma,” kusho uChetty.
Umshayeli wetekisi ebelisuka eThekwini liya eMatatiela, uMnuz Mboniseni Sosibo, uthe uzizwa ephephile emgwaqweni ngenxa yezivimba ngwaqo.
“Izivimba mgwaqo zizoqinisekisa ukuthi sonke sihlonipha imithetho yomgwaqo futhi siyahloniphana emgwaqweni. Ngigqugquzela nabanye ebashayeli ukuthi bangashayeli bephuzile futhi bashayele izimoto ezikulungele ukuba semgwaqweni ukuze bagweme izingozi zomgwaqo,” kusho uSosibo.
UMbalula uthe bahlela ukusebenzisa ubuchwepheshe obuzosetshenziswa amaphoyisa omgwaqo ukulawula izimoto nokusiza ukwehlisa izingozi emgwaqweni.