Isithombe esithathwe kwivideo yowesifazane ebala imali athi wayithola ngebhanoyi leBitcoin Wallet. Isithombe esithathwe kwivideo yowesifazane ebala imali athi wayithola ngebhanoyi leBitcoin Wallet.
SEKUQUBUKE indida ngokuvalwa kwamahhovisi ebhizinisi okukholakala ukuthi yibhanoyi, iBitcoin Wallet, elisedolobheni eMnambithi ngoLwesine.
Lokhu kungenxa yokusabalala kwamahlebezi okuthi lawa mahhovisi avalwe wuMasipala i-Alfred Duma. NgoLwesine leli bhizinisi elisemgwaqweni uKeate edolobheni beligqojwe ngengidi lingavuliwe.
Okhulumela lo masipala, uMnuz Siyabonga Maphalala uthe akulona iqiniso lokhu okushiwo abantu.
“Sike sathola izikhalo kubantu ngalo ibhizinisi ngenxa yokugcwala kwabantu kuleya ndawo. Sambiza umnikazi walo, sakhuluma naye, wasitshela ukuthi usohlelweni lokuthutha kuleya ndawo ayothola evulekile ebuqamama nedolobha, ukuze kugwemeke isiphithiphithi,” kusho uMaphalala.
Izolo kuvele imibiko ‘ngokundiza kwaleli bhanoyi’ nokulethe ingebhe kwabanye abatshale imali kulona.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokholakala ukuthi ungumnikazi weBitcoin Wallet uMnuz Siphelele “Sgumza” Mbatha ayiphumelelanga. Yize kunjalo kodwa enkulumweni eqoshwe ayethule phambi kwezihlwele, uSgumza uzwakala eqinisa abatshali bemali idolo.
“ Angithi nganithembisa ukuthi ngofa la nifa khona, angiyindawo. Angithi bengihamba nani nidla imali, angithi? Uma sekukhona izinkinga kumele nihambe nami. Kungabi khona umuntu ozokhuluma into ebhedayo kuthiwe into kaSgumza iyabheda. Njengamanje sixoshiwe la,” kusho uSgumza. Uqhuba athi njengoba besathungatha indawo bazosebenza online.
Ukuphikile ukuthi ubalekile nokuthi ubutsetse bezimoto zakhe uzidayisile.
Isolezwe like labika ngokuthwalwa kwezindodla zemali abantu beyoyifaka kuleli bhizinisi. Uma uqhamuka emgwaqweni uKeate ukhangwa olayini babantu abayofaka nabayolanda imali. Abanye abantu balala ehlathini eliseceleni komgwaqo ukuze bangaphuthelwa. Olayini baba nabantu abangaphezu kuka400 ngosuku kanti ibhizinisi lisebenza amahora angu-24.
Okwenza kube naleli gidigidi wukuthi oyifakile uthola inzuzo ephindwe kabili ngemuva kwezinsuku ezingu-15.
Umthombo ofake uR10 000 kuleli bhizinisi uthe izolo bathole imilayezo ezingcingweni ibazisa ukuthi kusukela kusasa leli bhizinisi selizosebenza online.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe icala eliphenywa amaphoyisa elihlobene naleli bhizinisi ngelokukhwabanisa.
“ Kunelungu lo mphakathi elibike ukuthi leli bhizinisi lisebenza ngamaphepha omgunyathi.”