Isithombe esigciniwe. REUTERS/Guadalupe Pardo Isithombe esigciniwe. REUTERS/Guadalupe Pardo
SEBESABA ngisho ukusondela ebhishi eliseManzimtoti abahlali bakhona njengoba bethi leli bhishi ligcwele izinkukhu ezimnyama ezinqunywe amakhanda, amakhandlela achonywe izinaliti, wodoli abanezintambo ezimibalabala nokunye okwesabekayo.
Basola ukuthi abantu abakhuluma isiZulu namaNdiya, yibona abenza imigilingwane kuleli bhishi. Babasola ngokuthakatha.
Ikhansela lewadi kule ndawo, U-Andre Beegte waseNyoni Rocks e-Illovo Beach, uthe abasazi ukuthi kumele benzenjani ngalo mkhuba okhulayo okunokuthi udambe.
Uthe yena uqobo, usebone inqwaba yabefundisi bemijiva emibalabala nabelaphi bendabuko beshona bevumbuluka kuleli bhishi engabaqondi ukuthi benzani.
Ukhala ngokuthi ngisho ukuhamba nezingane kuleli bhishi sekuyinkinga ngoba bavele babambe ngezandla le mihlola yezinkukhu, ezinye ezisuke zitwashekwe ama-razor emiqaleni sezifile.
Uthe lokhu kukodwa nje kubeka impilo yezingane engcupheni kwazise leyo razor isuke ingaziwa ukuthi ibisecezani onani.
Umengameli wabelaphi bendabuku KwaZulu-Natal, uMnuz Sazi Mhlongo, uziqinisekisile izinsolo zikaBeegte ngamakhandlela amnyama nabomvu atholakala kuleli bhishi.
“Angazi lutho ngamakhandlela abomvu namnyama. Engikwaziyo wukuthi kusetshenziswa amakhandlela ayile mibala ukwenza okungalungile. Okuhle kwenziwa ngamakhandlela amhlophe,” usho kanje.
Uthe kuze kube manje, akukho ake wakuzwa okuhle okwenziwa ngezinaliti nama-razor.
Unxuse abantu ukuthi uma benza imigilingwane yabo, bayenze ngasemakubo. Nalabo abasuke befuna ukwelashwa ngendlela yendabuko, babheke abelaphi bendabuko bangasemakubo.
Omunye umelaphi wendabuko, uPhephisile Maseko, uthe abantu abenza le migilingwane emabhishi yingoba bakholwa wukuthi imimoya yilapho ehlala khona.
“Kunemikhuba eyenziwa olwandle ngenkolelo yokuthi umuntu uyakwazi ukugezeka emimoyeni emibi, isale khona,” usho kanje.
Naye ubanxuse ukuthi bacabangele abantu abasuke bezozijabulisa kula mabhishi ngokuthi uma sebeqedile ukwenza imigilingwane yabo, bazisuse lezi zinto njengoba kukhona nabahlaba izimbuzi kula mabhishi.
Nomele abenkolo yamaHindu, uMnuz Ashwin Trikamjee owumengameli weSA Hindu Maha-Saba, uthe imigilingwane eyenziwa amaHindu ihlanganisa imithandazo nezinye izinto abazenzela eduze kolwandle.
Uthe abawasebenzisi amakhandlela nezinaliti, basebenzisa izitaputapu ezithile, okubalwa kuzo owoyela nebhotela elikhethekile. Uthe bona abazisebenzisi izinkukhu nezimbuzi uma benza izinto zabo.
Ongoti ababhekele inhlalakahle yezilwanyazane zasolwandle, bathe le migilingwane iyingozi ezilwaneni ezihlala olwandle.
UPresha Soogrin weSouth African Association for Marine Biological Research, uncenge abenza lezi zinto ukuthi ababe nendlela ehlukile yokuzilahla. Uthe ezinye izilwane zasolwandle ziyafa ngenxa yazi zinto.