UBULAWE yindlala namakhaza umndeni wakwaNdawonde eNtuzuma ngemuva kokulala emnyango emuva kokukhishwa kolandela kuthiwa abavulele abanye indawo bona balale kowodwa ngoba bangumndeni. Isithombe: Zanele Zulu/African News Agency (ANA) UBULAWE yindlala namakhaza umndeni wakwaNdawonde eNtuzuma ngemuva kokulala emnyango emuva kokukhishwa kolandela kuthiwa abavulele abanye indawo bona balale kowodwa ngoba bangumndeni. Isithombe: Zanele Zulu/African News Agency (ANA)
USELE dengwane umndeni wakwaNdawonde KwaMancinza, eNtuzuma, emva kokukhishwa kolindela abane obuhlala kubona ngokwahlukana ngoLwesithathu. AbakwaNdawonde bafakwa kolindela abane ngo-2017 bethenjiswe ukuthi bazokwakhelwa izindlu zomxhaso. Muva nje kuthiwe lokho ngeke kusenzeka, baphoqwa ukuba bahlangane kulindela owodwa. Lokho kuholele ekuthene amanye amalungu omndeni, kuhlanganisa nezingane, agcine elale ebala izinkanyezi.
UNksz Nomonde Ndawonde (67) uthe ngoLwesithathu ntambama kufike ikomiti lomkhandlu wekhansela lathi kumele bahlale endlini eyodwa ngoba bawumndeni.
“Sasuswa wumasipala eNewlands, salethwa kule ndawo ufuna ukwakha isikole sabangezwa. Kwathiwa sizolinda izinyanga eziyisithupha bese sakhelwa izindlu zomxhaso eCornubia. ENewlands sasihlala ezindlini ezine. Ngesikhathi sifakwa kulezi zindlu zokulinda sahlukaniswa ngoba namaphepha ezindlu sinawo,” kusho uNksz Ndawonde.
Uthe umndeni wabo unamalungu angu-16 kubalwa nezingane ezingu-10.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo lifice umndeni uhleli ngasemgwaqweni nezimpahla zawo zasendlini, abanye belele nezingane embhedeni obubekwe phansi. Ezinye izimpahla bezisaphazeke phansi.
“Besigodola ubusuku bonke silele emnyango. Silambile nezingane ngoba kayikho indawo yokuphekela,” kusho uNksz Ndawonde.
UNksz Fikile Ndawonde uthe isimo abahleli ngaphansi kwaso siyingozi ngoba kushe ingane yakhe emlilweni abebewubasile ebusuku.
“Izolo (ngoLwesithathu) ebusuku sibase umlilo ukuze sothe sizama ukubalekela amakhaza, ingane yami yawela emlilweni yasha isandla. Ngiphatheke kabi ngokulimala kwengane nangesimo esikuso nomndeni wami,” kusho uFikile.
Ikhansela lakulendawo uMnuz Joseph Khuboni lithe umndeni awukhishwanga ezindlini kodwa uziphumele.
“Ngibazisile ukuthi kunabantu abashelwe yizindlu abadinga indawo yokukhosela, ngakho kuzomele bahlale endlini eyodwa ngoba abandawonye,” kusho uKhuboni.
Ebuzwa ngamaphepha ezidlu ezine lo mndeni othe unawo, uthe amampunge lawo, lo mndeni wazivulela wona ezinye izindlu ngokungemthetho ngoba zazingenabantu.
UKhuboni uthe izindlu akusizo ezabantu abahlala kuzo, kodwa ezokulidela, ngakho akekho ongumnikazi wendlu.
Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bazoluthathela phezulu udaba.
“Sizophenya ngalolu daba ukuze kusizakale abathintekayo. Njengomasipala onakekelayo siyazama ukuhlangabeza izidingo zabantu, kodwa sicela nabantu babekezelelane ukuze kuzoba nenhlalakahle emphakathini,” kusho uMayisela.