Izindaba

Bazogcwala kwikhomishini kaZondo abalandeli baZuma

Sihle Mavuso|Published

sekusele izinsuku ezingu 10 ukuthi lowo obenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma avele phambi kwekhomishini kaJaji Raymondi Zondo. Isithombe: MotshwarI Mofokeng/African News Agency(ANA) sekusele izinsuku ezingu 10 ukuthi lowo obenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma avele phambi kwekhomishini kaJaji Raymondi Zondo. Isithombe: MotshwarI Mofokeng/African News Agency(ANA)

NJENGOBA sekusele izinsuku ezingu 10 ukuthi lowo obenguMengameli wezwe  uMnuz  Jacob Zuma avele phambi kwekhomishini kaJaji Raymondi Zondo mayelana nokuqhwagwa kwamandla ombuso ngesikhathi sakhe, abalandeli bakhe nabo bazilungiselela ukuthi bagcwale emagcekeni ale khomishini ukuzokweseka uZuma.

UZuma njengamanje kuthiwa uhlezi echitha isikhathi namammeli bakhe ekubeni abalandeli bakhe benxanxa osomabhizinisi ukuthi babaseke ukuze bayogcwala kulekhomishini ukweseka uMsholozi.

Okhulumela uZuma, uMnuz  Vukile Mathabela, utshele i-Independent Media izolo ukuthi uZuma uzilungiselela ukulwa impi enzima yepolitiki.

"'Njengamanje umatasa uhlangana nabammeli bakhe bazilungiselela ikhomishini," kusho Mathabela. 

Kulindeleke ukuthi uZuma avele phambi kwale khomishini kusuka ngo Julayi 15 kuya ku 19.