Izindaba

Amaphoyisa ayiqaphe ngawokhozi irenki

SILINDILE NTOMBELA|Published

SEKUQAPHE amaphoyisa erenki yaseMandeni lapho kushiswe khona izimoto eziyisikhombisa ngemuva kokududulana ngenhlamvu konogada. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA) SEKUQAPHE amaphoyisa erenki yaseMandeni lapho kushiswe khona izimoto eziyisikhombisa ngemuva kokududulana ngenhlamvu konogada. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA)

AHLALELE ovalweni amalungu omphakathi aseMandeni asebenzisa irenki yamatekisi yaseSundumbili ngemuva kwesehlo sokudubula nokushiswa kwamatekisi nezimoto kule renki.

Kushe kwangqongqa amatekisi amane nezimoto zonogada ezimbili ngenkathi kudubulana izinkampani ezimbili zonogada erenki yaseMandeni, ngoMsombuluko.

Isolezwe lithole ukuthi kuphinde kwashiswa enye imoto kule renki ngoLwesibili nokubeka isibalo sezimoto ezishisiwe kweziyisikhombisa.

UNgqogqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, ukuqinisekisile ukuthi kuphinde kwashiswa imoto yonogada ngoLwesibili ntambama.

Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa, uthe bebeserenki nonogada abaqapha irenki ngenkathi kufika usihlalo kasoseshini owengamele le renki nonogada bakhe abangu-11 bavulela ngenhlavu bebhekise konogada berenki.

Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe lacela ukungadalulwa ngoba lisabela ukuphepha kwalo, lithe selisaba nokusondela eduze kwale renki.

“Ngithuke kakhulu futhi angifuni nokusondela erenki emva kothuthuva oluvuke kuyo ngoMsombuluko. Ngizizwa ngingaphephile futhi ngibona ukuthi abasicabangeli njengabagibeli ngenxa yale nto eyenzekile,” kusho umthombo.

FUNDA: 

Omunye onebhizinisi eduze kwale renki naye ongathandanga ukudalulwa, uthe uthuthuva olwenzeke kule renki luphazamise ibhizinisi lakhe.

“Abantu abasabonwa kuyo, lokho kwenza ukuthi ngingabi nawo amakhasimende. Ngaphezu kwalokho, nami nginovalo ngokusebenzela kule ndawo ngenxa yesigameko esenzeke ngoMsombuluko,” usho kanje.

Ngenkathi Isolezwe lifika endaweni yesigameko lifice ezinye zezimoto ezishisiwe namaphoyisa abeqaphe isimo. Amatekisi abesebenza abembalwa.

Kushe kwangqongqa amatekisi amane nezimoto zonogada ezimbili ngenkathi kudubulana izinkampani ezimbili zonogada erenki yaseMandeni, ngoMsombuluko. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA)

UKaunda uthe uzobathathela izinyathelo ezinqala onogada ababandakanyeka kulesi sehlo.

“Amaphoyisa nenhlangano yonogada iPrivate Security Industry Regulatory Authority (Prisa) kumele benze uphenyo oluphuthumayo ukuze kuzojeza onogada abathintekayo. Sengikhiphe ithimba elizohlangana nososeshini othintekayo ukuze kuxazululwe lolu daba futhi sisebenzisana neSantaco ukuzama ukubuyisela isimo kwesejwayelekile.”

UKaunda udalule ukuthi umhlangano obe khona uthole ukuthi uthuthuva ludalwa ukukhokhiswa kwemali engagunyaziwe kosomatekisi.

“Ngeke ngingabaze ukusebenzisa umthetho weNational Land Transport Act ukuze isimo sibuyele kwesejwayelekile kule ndawo. Amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo kule ndawo,” kusho uKaunda.

UMnuz Sibongiseni Kubheka onguSihlalo kasoseshini osolwa ngokufika nonogada bakhe abangu-11 bavulele ngenhlamvu erenki, uthe: “Into esuse uthuthuva ukuthi kunonogada abangagunyaziwe abafike nelinye ilungu likasoseshini. Labo nogada bebefuna kukhokhwe imali engaphezulu kwaleyo evame ukukhokhwa wosomatekisi.” UKubheka okuqinisekisile ukuthi naye ubekhona ngesikhathi kuqhuma inganono. Uphethe ngokuthi kuzoba nomhlangano ngoLwesihlanu ngenhloso yokuxazulula isimo.