Izindaba

Sikhathazekile isaguga (100) ngendawo esihlala kuyo

SILINDILE NTOMBELA|Published

UTHWALA kanzima uma efuna ukuphuma kwakhe uNkk Nomusa Khuzwayo njengoba umuzi wakhe wakhiwe endaweni eyehlelayo Isithombe: DOCTOR NGCOBO UTHWALA kanzima uma efuna ukuphuma kwakhe uNkk Nomusa Khuzwayo njengoba umuzi wakhe wakhiwe endaweni eyehlelayo Isithombe: DOCTOR NGCOBO

SIPHILA kanzima isaguga esineminyaka engu-100 saseMayville, eThekwini , ngenxa yendawo esihlala kuyo eyehlelayo.

UNkk Nomusa Khuzwayo waseWiggins ozogubha usuku lokuzalwa ngo Julayi 18, nonyaka lapho ezobe eneminyaka engu-101 edla anhlamvana, uthe indawo ahlala kuyo ayimlungele njengoba esehluleka ukuhamba.

“Ngiyakujabulela ukuphila ngize ngibe neminyaka eminingi kangaka kodwa njengoba ngihleli endaweni eyehlelayo futhi enamagquma kunzima ukuthi ngihambe kuyo njengoba sengiwumuntu kadokotela,” kusho uNkk Khuzwayo.

UNkk Khuzwayo uhlala endlini enamagumbi amabili lapho ehlala khona nabazukulu bakhe abayisishiyagalolunye.

Umzukulu kaNkk Khuzwayo, uNksz Zandile Ngidi, uthe uninakhulu ungumuntu ovame ukuya kwadokotela njengoba esejwayele ukugula ngenxa yokukhula kwakhe.

“Kuba umsebenzi onzima ukumhambisa emtholampilo noma kwadokoteta ngoba kuthatha isikhathi eside ukuze akhuphuke amagquma angaphandle aze afike emgwaqweni, kungakuhle ukuthi athole indawo eqondile,” kusho uNksz Ngidi.

Ukhale ngokuthi umzimba kaninakhulu uyakhahlamezeka ngenxa yendawo ahlala kuyo kanti lokho kumbangela ukuthi abe buthakathaka njengoba esegugile.

“Kuyaphoqeleka ukuthi ahlale endlin ngoba indawo ahlala kuyo ayimlungele. Uma linile kuba nzima kakhulu ngoba kuyashibilika, ngelinye ilanga wake washibilika wawa egcekeni, noma kumele ngimgeze kudingeka bonke abanye baphume endlini njengoba kunamagumbi amabili kuphela,” kusho uNksz Ngidi.

UNkk Khuzwayo uthe njengoba kumele engabe ujabulela ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa kodwa ukhungethwe imicabango emkhathazayo njengoba indawo ahleli kuyo inezinselelo.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Mveli Mthembu, uqinisekisile ukuthi uyazi ngesimo okuhlala ngaphansi kwaso uNkk Khuzwayo.

“Sekunesikhathi sizama ukuthi ugogo simakhele indlu endaweni emlungele. Okwamanje kunezindawo zokwakha esisazibheka lapho okuzokwakhelwa khona ugogo. Ngizama ngakho konke okusemandleni ukuthi ugogo aphume kule ndawo ahlala kuyo ngoba iyindawo engamlungele umuntu osegugile,” kusho uMthembu.

Uthe uzama nokuxoxisana nabezinhlaka ezihlukene ezingalekelela ukuthi indlu kaNkk Khuzwayo yakhiwe ngokushesha.