Izindaba

Kuboshwe oweForex Trading ohluleke ukukhokhela iziphuzo zikaR36 000

Mervyn Naidoo|Published

Ezinye zeziphuzo eziphambili ezidayiswa e-Urban Lounge. Isithombe: Urban Lounge / Instagram Ezinye zeziphuzo eziphambili ezidayiswa e-Urban Lounge. Isithombe: Urban Lounge / Instagram

UMHWEBI weForex uchithe usuku lakhe lokuzalwa ejele ngeledlule, ngemuva kokuhluleka ukukhokha isamba sika-R36 000 sokudla neziphuzo abekudla nabangani endaweni yobumnandi eThekwini.

UKhanya Dlodlongwana (20) okusolakala ukuthi utshele uweta ukuthi "ukhohlwe yikhadi lakhe lasebhange ekhaya" lapho sekufanele akhokhe lesisamba, uvele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoMsombuluko.

Ubhekene necala lokwebela i-Urban Lounge, okuyidawo yobumnandi esemgaqweni uMonty Naicker eThekwini isamba sikaR35 885.

UDlodlongwana udedelwe ngebbheyili kaR2000. 

Ummeli wakhe, uMnuz Rajesh Singh weRoy Singh Attorneys, uthe: "Ikilayenti lami liyawaphika amacala elibekwe wona kanti futhi lizobeka ukuzivikela kwalo enkantolo. Akaphathwanga kahle yile ndawo yobumnandi kanye nabo bonke abathintekayo."

Umnikazi weUrban Lounge, uAshoo Rampersad uthe uDlodlongwana obehamba nabangani abawu-10, abaningi babo abesilisa, ubezithandela uphuzo oludakayo olubizayo.

Uthe leliqembu liphuze amabhodlela amabili eshampini yohlobo lwe-Ace of Spades ebiza u-R10 000, amabhodlela amane eshampini iVeuve Clicquot Rich (ebiza izi-R2000 lilinye),amabhodlela amane eHennessy Brandy (R975 lilinye), kanye nezinye iziphuzo.

URampersad uthe ukuze abonge ukuchithwa kwemali angaka endaweni yakhe, uphe leliqembu inyama yenkomo, izimbambo, inyama yenkukhu kanye namashibusi.

Uthe wazi uDlolongwana engumhwebi weForex, nokuthi uDlodlongwana uvamile ukuza kule ndawo. 

"Ubengaqali ukufika kule ndawo, futhi uhlezi ekhuluma ngezindodla zemali," kuqhuba uRampersad.

Ngokusho kukaRampersad, Ngobusuku bomhlaka-20 kuJune uDlodlongwana ukhulume naye ehhovisi lakhe wathi uhlela ukuchitha imali engu-R35 000 endaweni yakhe, futhi usazochitha isamba esifanayo nakwezinye izindawo ezaziwayo eThekwini ezinsukwini eziholela osukwini lakhe lokuzalwa olungumhlaka-22 June.

URampersad uthe uthukile uma etshelwa ukuthi uDlodlongwana akaliphethe ikhadi lakhe lasebhange ekupheleni kobusuku.

Ube esetshela abaqaphi bendawo ukuthi bangavumeli muntu ahambe eqenjini likaDlodlongwana kuze kufike amaphoyisa.

URampersad uthe iziphuzo eziphuzwe uDlodlongwana nabangani bakhe bezibekelwe elinye ikhasimende kodwa akabanga nankinga ukuzidayisela bona.

"Ngize ngabanika ukudla kwamahhala ngoba kungusuku lukaDlodlongwana lokuzalwa. Ngokujwayelekile, abajwayele kulendawo bakhokha ekupheleni kobusuku. Lokhu kungethusile," kusho uRampersad.

UMarcelle Roberts, ophethe iUnity Brasserie emgaqweni uSilver, eMusgrave, uthe emasontweni ambalwa edlule amakhasimende abo ajwayele abakhwabanise uR2700. 

"Bazibize ngamaphoyisa bathembisa ukubuya bazokhokha. Lapho abaphathi benqaba, bakhombise udlame saphoqeleka ukuba sibadedele," kusho uRoberts.

URoberts, osebe kulomkhakha iminyaka engama-20, uthe ngokujwayelekile bathatha idiphozi ewu50% uma belungisela iqembu labantu abaningi, futhi bahlela ukuthungatha lamakhasimende anqabe ukukhokha.

Inkinga esijwayelekile ezindabweni zobumnandi

Umphathi wendawo yokudla ephambili emgaqweni uFlorida, ocele ukungadalulwa, uthe naye useke wagilwa amakhasimende ajwayele ukudla endaweni yakhe. 

Uthe wavumela elinye ikhasimende lenze isikweletu sika-R5000.

"Kulo mkhakha, awufuni ukuphatha kabi amakhasimende akho aqavile, ngakho isikweletu sisigcinisa kuR5000. Uma amakhasimende ezama ukuhamba engakhokhile, kungcono ukubiza amaphoyisa ngoba uma abasebenzi nabaphathi bezama ukuxazulula lesisimo, amakhasimende angakujika lokhu athi ahlukunyeziwe.

"Imininingane ekungeyiyo ingafakwa ezinkundleni zokuxhumana ebese indawo yakho iba negama elibi," kuchaza losomabhizinisi.

UWendy Alberts, oyinhloko yeRestaurants Association of SA, uthe sesenyukile isibalo samakhasimende enza lokhu ezweni lonke, futhi ngokujwayelekile kwenziwa abantu abayingxenye yeqembu. Uthe izindawo zokucisha ukoma kanye nezokudla zinalo ilungelo lokufuna idiphozi uma belungisela abantu abaningi.

Ngokujwayelekile, amakhasimende ahambe engakhokhile agxeka impatho, noma enze ezinye "izaba zokungakhokhi".

"Asikho isizathu sokuphuma endaweni ungakhokhile," kusho uAlberts.

"Uma ubiza ukudla kufanele ukhokhe. Uma ungajabulile, lokho akusho ukuthi ungakhokhi."

Uthe bazosungula uhlelo lokuqopha uhlu lweziphulamthetho ezizonqatshelwa ukungena ezindaweni zokungcebeleka eziyingxenye kasoseshini owodwa. 

"Siphezu kwalo loludaba. Abaphathi bezindawo zokudla bayaxoxisana banikane nemininingwane ngamakhasimende angakhokhi. Lawa makhasimende azobanjwa."