IPHINI leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer uveze ukuthi akanavalo lokuyoqhubeka nokusebenza eCity Hall ngemuva kwesehlakalo okusolwa ukuthi bekungesokumphuzisa amanzi anoshevu Isithombe: SIGCINIWE IPHINI leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer uveze ukuthi akanavalo lokuyoqhubeka nokusebenza eCity Hall ngemuva kwesehlakalo okusolwa ukuthi bekungesokumphuzisa amanzi anoshevu Isithombe: SIGCINIWE
IPHINI leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer lithi lizoqhubeka nokusebenzela abantu yize kusebuhlungu umqala nezindebe emuva lokuthi liphuze amanzi okusolaka ukuthi abenoshevu.
UNkk Peer usho lokhu izolo eyoqoqa udoti eMlaza njengoba umasipala usuzoziqoqela udoti kuleli lokishi.
“Kuleli sonto ngiphuthunyiswe esibhedlela ngoba ngiphuze amanzi angishise umlomo nomphimbo. Ngisho namanje ngisesezinhlungwini.
“Ngeke ngikwazi ukuqinisekisa ukuthi kukhona obezama ukungidlisa ushevu ngoba amanzi athunyelwe e-laboratory ukuyohlolwa.
“Ngibonga umyeni wami owudokotela olokhu engixilonga namadodakazi
ami ayanginakekela,” kusho uNkk Peer.
Uthe akasabi ukubuyela eCity Hall ngoba usebenzela umphakathi.
“Ngiyisisebenzi somphakathi ngizoqhubeka nokuya eCity Hall ngiyosebenzela abantu. Akukho okuzongivimba. Ngilindele ukuzwa imiphumela yase-laboratory ngoMsombuluko,” kusho uNkk Peer.
Uxolisile kubantu baseMlaza ngenkinga yokungaqoqwa kukadoti wathi umasipala uzoqikelela ukuthi udoti uqoqwa ngaso sonke isikhathi.
IMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza ithe njengoba umasipala uzoziqoqela udoti kuzoqashwa abantu ngokugcwele ukuze benze lo umsebenzi.
Uthe kukhona okuzokwenziwa wosonkontileka abazoqashwa ngelokhozi ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi bawenza ngendlela efanele nokuthi bakhokhelwa ngesikhathi esifanele.