UMFUNDI wezindaba kuSABC1, uCalvin Dludla, ukhonza eSabatheni (Seventh Day Adventist Church) Isithombe: FACEBOOK/CALVIN DLUDLA UMFUNDI wezindaba kuSABC1, uCalvin Dludla, ukhonza eSabatheni (Seventh Day Adventist Church) Isithombe: FACEBOOK/CALVIN DLUDLA
UMFUNDI wezindaba zesiZulu kuSABC1, uCalvin Dludla, ngomunye wosaziwayo abalikhathalele ikusasa lentsha yangakubo eNewcastle njengoba enomkhankaso waminyaka yonke obizwa ngeVoice of the Voiceless, afukula ngawo intsha ngolwazi. UCHARLES KHUZWAYO ukhulume nayo le nsizwa eyaqala ukucikoza izindaba kwi-e.tv eminyakeni eyedlule. Kulokhu siyibuza ngolwazi lwayo ngomkhakha wezenkolo.
CHARLES (CK): Ngabe uyakholelwa ukuthi kunoMuntu Omkhulu owadala iZulu nomhlaba?
CALVIN (CD): Yebo impela ngiyezwana noNkulunkulu...
CK: Ngiyakuzwa qhawe lakithi, ngabe lobudlelwano baqala kanjani futhi nini?
CD: Ubudlelwano bethu baqala ngisahamba nogogo wami uMaSibeko, sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula. Sasiya esontweni lasemaRomeni eNewcastle, Osizweni. Kodwa-ke ngithe sengimdala ngahlangana nomngani uSbusiso Duma, owayekhonza eSabatheni (Seventh Day Adventist Church), khona oSizweni. Ngaba yilungu lebandla ngaze ngabhabhadiswa khona.
CK: Ngabe sikhona isehlakalo esake sakwehlela nesaqinisa ubudlelwano bakho noNkulunkulu?
CD: Noma ngingeke ngithi yisona kodwa ngo-2002 ngazama ukuzibulala kodwa ngasinda. Ngangiphuze umanyazini ngasinda kukubi esibhedlela sangakithi iMadadeni.
CK: Hawu, wawudliwa yini ngempela le engaka eyayingakwenza uze uzibulale?
CD: Mmmmmm izimo zomhlaba.
CK: Njengomuntu osedumile, bakubheka kanjani abazalwane uma utheleka enkonzweni?
CD: Angimningi enkonzweni ngenxa yomsebenzi.
CK: Yiliphi ivesi elikuchazayo eBhayibhelini?
CD: Ivesi engilithandayo yileli elithi “Ngakho-ke bazalwane bami yibani ngabangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi. Nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.” Litholakala KwabaseKorinte kwisahluko-15 kuvesi 57-58.
CK: Sesiphetha, yiliphi ihubo lesonto elikubusisayo?
CK: Ngelithi “Kukhona Ukuphila Ekubhekeni Kodwa UKrestu...” LiseSihlabelelweni.