UMNDENI kaDkt Euvette Taylor ufuna ubulungiswa ngokubulawa kwakhe njengoba kuboshwe umngani wakhe akhula naye UMNDENI kaDkt Euvette Taylor ufuna ubulungiswa ngokubulawa kwakhe njengoba kuboshwe umngani wakhe akhula naye
LIHLEHLISELWE uJulayi 15 icala elibekwe indoda okuthiwa yabulala uDkt Euvette Taylor (30) owayefundisa eDurban University of Technology.
UMnuz Mlungisi Ndlovu (23) ubevele enkantolo yeMatshi yaseThekwini izolo.
UDkt Taylor watholakala efile egumbini lakhe endaweni ehlala izitshudeni iWinterton Res, eThekwini, ngoFebhuwari. UTaylor wayengumluleki wabafundi eWinterton Res.
Kuthiwa uNdlovu wayengumngani noDkt Taylor owayengumakhelwane wakhe eCato Manor.
Amakhamera eCCTV asendaweni yesehlo akhombisa uNdlovu noTaylor befika behamba ndawonye ngokukhululeka kulesi sikhungo. Kule CCTV baphinde babonakale bengena endlini. Emva kwesikhathi kwabe sekubonakala uNdlovu esephuma ehamba yedwa.
UDkt Taylor watholwa enemivimbo emzimbeni. Imoto yakhe, iVW Amarok, yatholakala ishiywe emgwaqweni uPikinini Kwa-L eMlaza.
Umndeni kaDkt Taylor wadalula ukuthi uyamazi uNdlovu futhi bakhule ndawonye ngoba bangomakhelwane.
UNdlovu uboshwe ngo-Ephreli emuva kokuthi amaphoyisa elandele umkhondo wakhe. Uvele okokuqala enkantolo ngo-Ephreli.
Izolo iMantshi, uNkk Farida Mohamed, ulihlehlisele uJulayi 15 icala. Ngalelo langa kulindeleke ukuthi uNdlovu asho ukuthi uyalivuma noma uyaliphike icala. Ummeli wakhe uzofunda isitatimende sakhe kule nkantolo.
Kuthiwa ukuboshwa kukaNdlovu kwalandela ukuthi enze icala elifanayo ngaseMusgrave, maphakathi neTheku, ebulala enye indoda endlini yayo wazama ukuntshontsha nemoto yayo. Nalelo cala lokubulala kuthiwa liyaqhubeka enkantolo. Amacala athethwa ngokwehlukana.