Izindaba

Kungabe iBitcoin iphephile?

DELI MNCWABE|Published

Isithombe: Benoit Tessier Reuters Isithombe: Benoit Tessier Reuters

NJENGOBA kukhona izinkulumo zokuthi iBitcoin iyibhanoyi elingaphahlazeka noma nini. Leli phephandaba likhulume noqweqwe oluwungoti kwezithinta imali nokuhweba, uMnuz Owen Nkomo weNkunzi Wealth Group.

UNkomo uthi empeleni ukuze ibhizinisi kuthiwe kungatshalwa kulona imali, notshalayo athembe, kumele okungenani kube wukuthi leyo mali izozala ngemuva kweminyaka emithathu uyitshalile.

Kumele inkampani otshala kuyona kube ngebhalisile ngaphansi kweFinancial Services Conduct Authority. Lokhu kuvikela notshala imali.

Akumele leyo nkampani ikuthembise imali eyinzuzo ngesikhathi esifushane.

Leyo mali etshaliwe kumele kucace ukuthi izaliswa kanjani.

Kuyasiza futhi ukuthi inkampani okutshalwa kuyona ibe ngeklelisiwe nakuJSE.

Ephawula kabanzi ngoBitcoin njengebhizinisi, uNkomo uthe uthe njengamanje leli bhizinisi lenza ebomvu imali.

Uxwayise abatshala imali ezinkampanini ezifuze lezi ngokuthi ngelinye ilanga bangazithola besenkingeni ngoba umqoqi wentela kuleli iSARS nabeFSCA, abahambisani nokuhweba ngale ndlela.

Uthe amabhanoyi afuze lawa ajwayele ukugcina esephenywa ezingeni eliphezulu, imali yabaphenywayo igcine ingasakwazi ukuthi ifinyelele kubona, bese abatshali zimali beba yizisulu.

Abazizwa bengeneme ngalolu hlobo lwebhizinisi, bangakwazi ukulibika kwibhange ngodla iSouth African Reserve Bank noma yikhona kwaFSCA.