Izindaba

Kufe oyedwa omunye walimala bedutshulwa

SILINDILE NTOMBELA|Published

USHAQEKILE umndeni wendoda (21) edutshulwe yafa isemsebenzini emgwaqweni Inwabi eSipingo izolo ekuseni.

UMnuz Mzwandile Meyiwa waseFolweni udutshulwe ngabantu abangaziwa ehleli nenye indoda, uMnuz Khulekani Njapha, evenini uMeyiwa asebenza ngayo ukuthuthela abantu izimpahla.

UNjapha usesimeni esibucayi esibhedlela emuva kokulimala kanzima ngesikhathi bedutshulwa

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe uMeyiwa noNjapha bahlaselwe abantu abathathu ngehora lesishiyagalombili ekuseni.

“Amadoda amathathu avulele ngenhlamvu ebhekise kubona. Oyedwa ushonele endaweni yesigameko, kanti omunye uphuthunyiswe esibhedlela ukuze ayothola ukunakekelwa,” kusho uLt Col Zwane.

Ngenkathi ithimba leSolezwe lifika endaweni yobugebengu bekunabantu ababukelayo abebengunge imoto obekuhleli kuyo uMeyiwa noNjapha. Igazi beligcwele esihlalweni semoto, iwindi lemoto langaphambili lifile.

Uyise kaMeyiwa uMnuz Thembinkosi Meyiwa, uthe uthukile ngokufa kwendodana yakhe.

“Ngibizelwe endaweni yesehlo sengisheshiswa kanti ngizobona indodana yami isibulawe ngesihluku esingaka. Angazi ukuthi uMzwandile ubulaweleni ngoba ubengumuntu obengenazitha,” kusho uMeyiwa.

UMeyiwa (Thembinkosi) uchaze indodana yakhe njengomuntu obenomoya ophansi futhi ohloniphayo.

“Ngilahlekelwe kakhulu futhi inhliziyo yami ibuhlungu ngokubulawa kwendodan yami. Unina akakwazi nokucabanga kahle ngemuva kokuzwa ngesehlo. UMzwandile ubezothile, ngisho ngimthethisa ubevele ehlele ngezansi axolise,” kuqhuba uMeyiwa.

Umfowabo womqashi kaMeyiwa (Mzwandile) ozibize ngokuthi unguShezi uthe uMeyiwa ubeyisisebenzi esizimisele.

“UMzwandile ubengumakhelwane wethu, waqashwa umfowethu kulo msebenzi ngoba ezama ukugwema ukuthi abe wuvanzi emgwaqweni. Njengoba uMzwandile ebesenza ubezama ukuqongelela imali yokuqhubeka nezifundo zakhe. Besingakaze sihlangabezane nenkinga njengoba uMzwandile ebengumuntu oziphethe kahle,” kusho uShezi.

ULt Col Zwane uthe isizathu sokuduthsulwa kwalaba asikaziwa. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.