OWAYEYIMEYA yoMkhandlu waseNdwedwe, uMnuz Maxwell Hadebe odutshulwe wabulawa esesitolo sakhe ngeledlule. Isithombe: PATRICK MTOLO OWAYEYIMEYA yoMkhandlu waseNdwedwe, uMnuz Maxwell Hadebe odutshulwe wabulawa esesitolo sakhe ngeledlule. Isithombe: PATRICK MTOLO
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, izolo uhambele umndeni wowayeyimeya ye-ANC eNdwedwe, odutshulwe wafa ngesonto eledlule.
UMnuz Maxwell Hadebe (50) owayeyimeya kusukela ngo-2011 kuya ku-2016, udutshulwe abasolwa abangaziwa esendaweni yakhe yokucima ukoma eseNdwedwe ngoLwesine ebusuku.
Kuthiwa abasolwa ababili bangene kule ndawo bavulela ngenhlamvu, bebhekise kuHadebe. UHadebe ubenamanxeba okudutshulwa, ushonele endaweni yesigameko.
UZikalala ubehambele umndeni kaHadebe ukuyodlulisa amazwi enduduzo.
Ekhuluma nabe eNCA, uZikalala uthe uHadebe wayesebenza kanzima ukuphumelelisa i-ANC.
“UHadebe ubengumuntu onobungani futhi ubeyisebenzela ngokuzikhandla i-ANC ngoba ngisho esephumile esikhundleni sobumeya wayesaqhubeka nokuyisebenzela.”
“Indlela adlule ngayo emhlabeni ibuhlungu kakhulu futhi inyantisa igazi. Siphatheke kabi ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uZikalala.
UZikalala uthe yize kunenkinga yokubulawa kosopolitiki kodwa ngeke bavele baqagele ukuthi nokufa kukaHadebe kuhlangene nakho.
“Sinxusa amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo ukuthola imbangela yokubulawa kukaHadebe,” kuqhuba uZikalala.
Isihlobo sikaHadebe, uNkk Thembi Ngcobo, sitshele abezindaba ukuthi uHadebe ubeyindoda elungile futhi eyohlale ikhumbuleka.
“Sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala njengomndeni, ukushona kwakhe kusilethele ubuhlungu obukhulu. Ubengumuntu owuthandayo umndeni wakhe neqembu lakhe i-ANC. Ubeyindoda enakekela nechitha isikhathi sayo nomndeni wayo uma ingekho matasa nezinto zepolitiki,” kusho uNkk Ngcobo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbele uthe akekho umuntu osaboshiwe ngalesi sigameko kodwa uphenyo luyaqhubeka.