Iisthombe esigciniwe Iisthombe esigciniwe
UYAVEVA umndeni wengane (12) yaseLovu ngaseManzimtoti ebelethile ngemuva kokudlwengulwa “umalume” oyihambisa esikoleni.
Umndeni wale ngane uvule icala lokudlwengula ngemuva kokubona ukuthi isidlwengulwe yaze yakhulelwa.
Kuthiwa le ntombazane yatshela umndeni wayo ukuthi “umalume” wayehamba nayo ayoyidlwengula kwakhe. Lokhu ukwenze izikhathi eziningana.
Unina womgilwa, ongeke adalulwe njengoba kuvikelwa ingane, uthe bayaqhubeka nempilo noma kunzima. Uthi ufuna ubulungiswa ngokwenzeke endodakazini yakhe.
“Lesi simo simenze wangakwazi ukubhala izivivinyo zakhe esikoleni njengoba kwase kusondele izinsuku zokubeletha. Kodwa sivumelene nesikole ukuthi uzobuyela uma kuvulwa,” kusho unina womgilwa.
Ezwa ngalesi sehlo uNgqogqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanha Khoza uphakamise ukuthi kubhekisiswe “omalume”.
Uthe uphatheke kabi ngesenzo esenziwe umuntu obethenjiwe ukuthi anakekele izingane kodwa wajike waba umdlwenguli.
“Kumele sisukume senze konke okusemandleni ukuthi sivikele izingane zethu. Kumele kuhlolisiswe “omalume” ukuthi abanawo yini amacala okuhlukumeza izingane abawenza phambilini,” kusho uNkk Khoza.
UNkk Khoza uthe uzosebenzisana noMnyango wezeMfundo nowezokuThutha nokuPhepha koMphakathi ukuqinisekisa ukuthi baqala uhlelo lokuhlola “omalume” maduze.
USihlalo wenhlangano “yomalume” engaphansi kweSantaco esifundazweni, uMnuz Mandla Mvubu, uthe ushaqekile ngalesi senzo esichaze ngokuthi siyanyanyisa. “Umsebenzi wethu ‘njengomalume’ ukuhambisa abantwana ezikoleni, siphinde siqinisekise ukuthi baphephile.
Le nto eyenziwe yilo wesilisa wubulwane futhi akafanele ukwenza lo msebenzi,” kusho uMvubu.
Uqhube wathi okwenzekile kuyabathusa ngoba bona bayaqikelela uma beqasha “omalume”.
“Uma kuzoqashwa umuntu siyaqikelela ukuthi loyo muntu uletha ubufakazi bokuthi akanawo amacala nokuthi akaziphathi izikhali ngoba senzela ukukhuseleka kwezingane,” kusho uMvubu.
UNkk Khoza uphakamise ukuthi kuboshwe umsolwa njengoba kuvele ukuthi akakaboshwa.
“Umsolwa uyaqhubeka nje nempilo yakhe sengathi akwenzekanga lutho ebe ehlukumeze ingane. Kumele abhadle ejele,” kusho uNkk Khoza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbele uthe umnyango ophenya ngamacala odlame lomphakathi, ukuvikelwa kwabantwana nokunukubezwa eMlaza uphenya icala lokudlwengulwa kwentombazane esencane.
“Idokodo selidluliselwe kumshushisi ozobe esephuma nesinqumo ngalolu daba,” kusho uCol Mbele. Amaphoyisa aveze ukuthi iminyaka “kamalume” awakayitholi njengoba engakaboshwa. Unina womgilwa uthe umlinganisela eminyakeni ephakathi kuka-30 kuya ku-35.