Isithombe esigciniwe: Karen Sandison/African News Agency(ANA) Archives Isithombe esigciniwe: Karen Sandison/African News Agency(ANA) Archives
INYUNYANA yabasebenzi i-Information Communications and Technology Union (ICTU) ikholwa wukuthi iMultichoice ayiyilandelanga imigudu efanele njengoba ihlela ukudiliza amalungu ayo angu-2194.
Okhulumela le nyunyana, uMnuz Thabang Mothelo, uthe abasebenzi baziswe ngoLwesihlanu ngalesi sinqumo.
“IMultichoice ibazise ngoLwesihlanu ukuthi isibahlonzile abasebenzi abazodilizwa.
“Banquma kanjena thina njengenyunyana asazisiwe ngesinqumo abasithathayo. Abakwenzayo akukho emthethweni,” kusho uMothelo.
UMothelo uqhube wathi bazolusukumela lolu daba baxhumane kahle neMultichoice.
Le nkulumo kaMothelo iqhamuka ngemuva kokuthi iMultichoice inikeze
abasebenzi izincwadi ezibazisa ukuthi bazodilizwa ngoLwesihlanu.
Abazothinteka ngabasebenza ema-call centre nasezitolo zakwaMultichoice ezithe chithi saka ezweni.
Yize bekuqinisekisa abakwaMultichoice ukudiliza kodwa bathi kuzovula amanye amathuba emisebenzi.
Isikhulu esiphezulu eMultichoice, uMnuz Calvo Mawela, sithe lezi zinguquko zingenxa yokushintsha kwezidingo zamakhasimende abo.
“Sisabela kwizimfuno zamakhasimende ethu.
“Ngenxa yezinguquko ezikhona amakhasimende aseshintshile, awasahambisani nendlela yakudala yokushaya izingcingo akhulume nabantu noma ahambele izikhungo zethu kunakudingayo.
Aselandela izindlela zezimanje zokuzenzela nokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje,” kuphetha uMawela.